Amaphoyisa azohlola isidumbu sendodana yomculi odumile

QueenEsther Iroanusi

Amaphoyisa ase-Lagos adedele abasolwa abayisithupha ababoshiwe avalela ababili njengoba kuqhubeka uphenyo ngokushona kuka-Ifeanyi Adeleke oyindodana yomculi odumile uDavido.

Kusolwa ukuthi umfanyana (3) uminze kwi-swimming pool esemzini kayise e-Banana Island ngoMsombuluko.

NgoLwesibili amaphoyisa abophe abasebenzi basendlini abayisishiyagalombili balo mculi abahloma imibuzo okuhlanganisa nomnakekeli kanye nompheki ka-Ifeanyi ongasekho. Ngaleso sikhathi bebengakaboshwa ngokusemthethweni kodwa bebephekwa ngemibuzo ngecala lobudedengu.

Iphoyisa likhiphe imininingwane yophenyo ngoLwesithathu. Lithe abayisithupha kwabayisishiyagalombili ababoshiwe ngaleli cala badedeliwe, ababili basasemaphoyiseni.

Ababili abasele esiteshini samaphoyisa umnakekeli kanye nompheki wakhe abasiza amaphoyisa ukucacisa ngophenyo.

“Yibona abagcine ukumbona. Okulandelayo sizohlola isidumbu ukuze sithole imbangela yokushona kwakhe. Lokhu kuzosiza uphenyo lwethu,” esho.

Selokhu kuvele izindaba zokushona kuka-Ifeanyi, uDavido nesinqandamathe sakhe uChioma abakaze babonakale ezinkundleni zokuxhumana.

I-akhawunti ye-Instagram ka-Ifeanyi ongasekho, ebhaliswe ngegama elithi-@davidifeanyiadeleke ivele yavalwa.

Leli khasi laku-Instagram liqalwe ngabazali bakhe ngesikhathi egubha iminyaka emithathu ngomhlaka-20 kuMfumfu. Le akhawunti ibenabalandeli abangu-80,000.

U-Ifeanyi ubeyindodana yokuqala kaDavido noChioma. Uphinde abe ingane yesithathu kaDavido, njengoba lo mculi enezinye izingane ezintathu, u-Imade, uHailey kanye noDavidson, kwabesifazane abathathu abahlukene.

Wazalwa ngomhlaka-20 kuMfumfu ngo-2019 e-London, e-United Kingdom.

Izihloko zakamuva