Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Ubucwebe obubiza u-R1.3-million bunyamalele ngemuva kokuthi iqembu labesifazane livakashele isitolo i-V&A Waterfront.
Amaphoyisa acela usizo lokuthungatha abesifazane abathathu nowesilisa obonakala kwikhamera.
Amaphoyisa aseKapa athungatha abesifazane abathathu nowesilisa abamataniswa necala lokweba ubucwebe obubiza u-R1.35 million eV&A Waterfront.
Leli qembu kusolakala ukuthi langena esitolo sobucwebe e-Alfred Mall ngomhlala-22 kuNhlolanja, lenza sengathi lizothenga ubucwebe kodwa lashaya lachitha nobucwebe lingakhokhanga.
Okhulumela amaphoyisa akwaSAPS, u-Anelisiwe Manyana, uthe ithimba lifike ngezithuba zabo-13:00 lacela ukubona izinto eziningi.
“Omunye walaba besifazane walinganisa ubucwebe ngaphambi kokuba iqembu liphume esitolo,” kusho uManyana.
Kodwa ngemva kwemizuzu embalwa, babuya. Ngesikhathi umsizi wesitolo esazibuyisela izinto, omunye wabesifazane wacela ukuphinde abone obunye ubucwebe.
“Wasizwa base bephuma bonke esitolo,” kusho uManyana.
Kwaba ngemva kwalokho lapho umsizi ebona khona izindandatho ezimbili kanye nobucwebe sebungekho.
Lobu bicwebe bubiza u-R1.35 million.
Ngesikhathi kubikelwa ezokuphepha, abasolwa bebevele sebengekho e-V&A Waterfront.

Amaphoyisa asecela noma ngubani ongasiza ekuhlonzweni kweqembu ukuthi aphumele obala.
Uma ubabona noma unolwazi, thintana noDetective Warrant Officer Abrahams ku-082 5222 572 noma ushayele iCrime Stop ku-08600 10111.
Esithombeni esingenhla: Laba besifazane bafunwa uthuli amaphoyisa ngezinsolo zokweba ubucwebe benani lika-R1.3-million emuva kokubufaka esitolo.
Umthombo wesithombe: SAPS