Amaphoyisa azingela ababulali ngemuva kokuthi kudutshulwe kwabulawa amaphoyisa kamasipala

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amaphoyisa amabili kamasipala adutshulwe abulawa aphucwa izibhamu zomsebenzi esigamekweni sokuhlasela eTembisa.

Amaphoyisa athungatha oshayasibhamu ababaleke ngemoto ngemuva kokudubula ngesihluku amaphoyisa ngoLwesine ebusuku.

Amaphoyisa amabili kaMasipala waseKurhuleni adutshulwe abulawa ngesikhathi esalinde amanye eTembisa ngoLwesine ebusuku.

La maphoyisa abehlezi emotweni yawo esigcemeni saseMthambeka ngesikhathi kufika oshayasibhamu bevulela ngenhlamvu.

Amaphoyisa athi izigebengu zidubule womabili amaphoyisa zantshontsha nezibhamu zawo zomsebenzi ngaphambi kokuba zibaleke ngezinyawo ziye emotweni ebizilindile.

Abezimo eziphuthumayo babike ukuthi womabili la maphoyisa ashonele endaweni yesigameko.

Amaphoyisa ahlukene aphuthume kulesi sigameko, kanye nelungu leKomidi leMeya yeDolobha laseKurhuleni kwezokuPhepha koMphakathi, uSizakele Masuku.

Okhulumela amaphoyisa kaMasipala waseKurhuleni uThabiso Makgato usiqinisekisile lesi sigameko wathi uphenyo olugcwele lusaqhubeka.

IPhini loMqondisi weMetro Police Specialised Services, uMnuz Bheki Nhlapo, uthe amaphoyisa abesendaweni yesigameko abuhlungu ngokubulawa kozakwabo.

Unxuse umphakathi ukuthi usize ekubambeni ababulali.

“Amalungu omphakathi kumele eze ngaphambili nolwazi oluzosiza amaphoyisa ukuthi athole lezi zigebengu,” etshela iTembisa Online.

La maphoyisa kade elinde ozakwabo ophikweni lokungenelela ngesikhathi ehlaselwa.

Amaphoyisa aphume umkhankaso omkhulu wokuthungatha oshayasibhamu, abasagcwele amathafa.

Onolwazi ngababulali kumele athinte abomthetho ngokushesha.

Esithombeni esingenhla: Indawo yesigameko lapho kudutshulwe khona amaphoyisa amabili kaMasipala waseKurhuleni.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Video by Mfanelo Zanibe/Tembisa Online

Izihloko zakamuva