Amaphoyisa azimisele ngokuqeda ubugebengu ema-Xesibeni

Zukile Majova

Kuzophela amahlathi kwizinswelaboya nabashushumbisi bezidakamizwa ema-Xesibeni e-Eastern Cape njengoba sekukhona uphiko lwamaphoyisa olukhethekile olujutshwe kulendawo ukuzoqeda lesi sihlava.

Leli dolobha libhekene nenkinga yezinswelaboya  eziphuca abantu izikhwama ziphethe imimmese, zigqekeza izindlu nabashushumbisa izidakamizwa ababizwa ngamaphara.

Babamba abantu abadala ngezinsuku zokuhola imali yempesheni, bagqekeza nasemafulethini aqashwe abasebenzi bakahulumeni bantshontshe izinto zabo.

Ema-Xesibeni ikhaya likaMasipala wesiFunda i-Alfred Nzo kanti amahhovisi amakhulu eminyango eminingi kahulumeni azinze lapha.

Ngesikhathi abantu besemsebenzini, izinswelaboya ziyagqekeza zintshontshe ama-laptop, izingubo, ubucwebe namateki abizayo.

Amaphoyisa e-SAPS Mounted Unit afika edolobheni ngesikhathi samacala amakhulu enkantolo yeMantshi yasendaweni ukuze basize ngokulawula isixuku.

Ngesonto eledlule bebesedolobheni lapho bekuzofakwa khona isicelo sebheyili sikaMfundisi uVizicelo Phakade webandla elidumile i-Power Family Church, obhekene necala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-16 ubudala.

Njengoba bekungekho lutho olwenzekayo eNkantolo, amaphoyisa aqonde edolobheni lapho afike abamba khona amaphara, ewafuna izikhali, izidakamizwa kanye nezimpahla ezebiwe.

Umphakathi ujabule kakhulu ngokubona loluphiko lwamaphoyisa edolobheni njengoba amaphoyisa ehluleka ukufika azobheka lendawo nangezinsuku ezimatasa njengezinsuku zokuhola imali yempesheni.

NgoMgqibelo ebusuku bagqekeze efulethini lika-Onele Sivuka, ongumfundi owenza unyaka wakhe wokugcina ezifundweni ze-media eNyuvesi yase-Nelson Mandela e-Port Elizabeth osezoqeda i-internship yezinyanga eziyishumi.

“Ngicabanga ukuthi kade bewubhekile umnyakazo wami,” etshela i-Scrolla.Africa.

“Ngangisemsebenzini ngalobo busuku bagqekeza endlini yami bantshontsha ama-laptop amabili nezikhwama ze-laptop.

Abathathanga lutho olunye.” Uthe uke walingeka ukuthi avakashele inyanga.

“Ngacabanga kakhulu ukuyovakashela inyanga ukuze ngithole umuthi ngikhiphe umoya omubi kulabo ababengigebenga,” kusho yena.

Uthe iyodwa kuphela i-laptop efakwe umshwalense. Uvule icala emaphoyiseni kodwa ubengalindele ukuthi kube nemiphumela. 

Odabeni lwesikhulu sezokumaketha u-Avela Theni, wasizwa omakhelwane abazibonela kugqekezwa indlu yakhe bakwazi ukubamba isigebengu siphethe i-laptop yakhe. 

Izihloko zakamuva