Amaphoyisa axwayisa ngobugebengu obenziwa kuFacebook

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amaphoyisa asexwayise umphakathi ukuthi uqaphe amaqola aku-Facebook ngemuva kokuthi iphoyisa ebelingekho emsebenzini lithunjwe amahora amaningi lizitshela ukuthi lithenga imoto.

Iphoyisa kanye nozakwabo bathunjwe e-Winterveld, e-Tshwane ngoMgqibelo ngaphambi kokuthi abasolwa bekhiphe yonke imali yephoyisa esebhange engu-R39,000.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng, uLieutenant-Colonel Mavela Masondo uthe amaphoyisa avule icala lokubanjwa inkunzi kuhlonyiwe kanti athungatha abasolwa.

ULieutenant Colonel Masondo uthe leli phoyisa liphendule esikhangisweni semoto ese-Winterveld ku-Facebook, ube esethatha isinqumo sokuhamba nozakwabo ukuze beyobona imoto ngenhloso yokufuna ukuyibuka, kwisikhangiso bekufakwe imoto ewuhlobo lwe-Golf 1.

Uthe umdayisi uthumelele iphoyisa indawo ese-Winterveld lapho obekumele ayobuka khona imoto. “Lithe lifika iphoyisa lathinta umdayisi ofikile wazobalanda.”

Umsolwa ungene emotweni yezisulu wahamba nazo waze wayofika lapho obekumele babone khona i-Golf 1.

Ngesikhathi befika ibingekho i-Golf futhi iphoyisa lizwile ukuthi kukhona okungahambi kahle. Kodwa akukho ayesengakwenza amasango ale ndawo avele avaleka kuthe kusenjalo kwaqhamuka abesilisa bememeza bekhombe yena nozakwabo ngezibhamu.

“Abasolwa bebehlomile babasesha base bethatha omakhalekhukhwini babo, isikhwama sakhe sesibhamu esinesitifiketi sokuqokwa kwekhadi lasebhange, izincwadi zokushayela, ikhadi le-medical aid kanye nesikhwama somlingani wakhe.”

ULieutenant-Colonel Masondo uthe abasolwa baphuce la maphoyisa isamba semali esingadalulwanga kanye nesibhamu somsebenzi.

UMasondo uthe izisulu azilimalanga kanti amaphoyisa axwayisa umphakathi ukuthi uqikelele izigameko ezifana nalezi, njengoba emaningi amacala alolu hlobo abikwe e-Winterveld.

Izihloko zakamuva