Amaphoyisa avulelwe icala lokungaziphathi kahle

Dylan Bettencourt

Amaphoyisa abopha umsubathi waseBrithani uBianca Williams  kungenasidingo abhekene namacala okungaziphathi kahle okungase kuholele ekutheni aphelelwe umsebenzi.

Umsubathi nomyeni wakhe baboshwa ngozankosi ngaphandle kwesizathu ngesikhathi kumiwe futhi kuseshwa ngoNtulikazi ngo-2020.

Lokhu kwenzeka phambi kwengane yabo ewusana.

Uphenyo ngalolu daba luqalwe ngabe-Independent Office for Police Conduct (i-IOPC), abaphethe ngokuthi kunecala lokungaziphathi kahle kwamaphoyisa amahlanu.

Imibiko iveza ukuthi ithimba elibheka lolu daba licubungula ukuthi ngabe ukucwasa ngokwebala kunesandla yini kulesi sigameko.

Kuthiwa amaphoyisa amahlanu kaMasipala awaphikile amacala futhi azophikisana nala macala esekwa ngozakwabo.

Amaphoyisa abhekene namacala  okungaziphathi kahle ayahlawuliswa e-United Kingdom.

I-IOPC iye emaphoyiseni kaMasipala ngesiphakamiso sokuthi izikhulu zawo ezinhlanu kumele zibhekane namacala.

Amaphoyisa athi lezi zithandani zamiswa ngenxa yokushayela kwazo obekungajwayelekile, nokuyinto eyadala izinsolo.

UWilliams nomyeni wakhe bathi bahlonzwa ngokwebala ngemuva kokuseshwa kwezidakamizwa nezikhali, okungatholakalanga.

Amaphoyisa ayesendaweni yesigameko aphakamise ukuthi kwazakala ukunuka kwensangu, okwenza basesha imoto.

Ukusesha kwathatha isikhathi esingangehora kanti lezi zithandani zisola amaphoyisa ngokubahlukumeza ngesikhathi beqhuba umkhankaso wabo “onolaka”.

“Iphoyisa langidonsa ngenduku langikhiphela phandle emotweni langibopha ngozankosi. Waqamba amanga ngokuthi nginuka insangu futhi wangiqopha njengesizathu sokuseshwa,” kusho umyeni kaWilliams etshela i-Guardian ngoNhlangulana odlule.

UWilliams (26), wawina indondo yegolide kuma-Commonwealth Games kanti umyeni wakhe, uRicardo dos Santos, ungumgijimi wase-Portugal.

Icala lizoqulwa yisigungu sokuqondisa izigwegwe ngasekupheleni kwalonyaka.

Umthombo wesithombe: @TheIndependent

Izihloko zakamuva