Amaphoyisa avalele izigelegeqe ekhoneni

Everson Luhanga

Amaphoyisa aseGoli abophe iqembu lamadoda angu-12 abehlomile.

Amaphoyisa aphinde athola izibhamu ezimbalwa kulandela isigameko sokugebenga esibhuntshile kanye nokudubulana okwenzeke enkampanini yezokuthutha e-Benoni, e-Ekurhuleni, ngoMgqibelo ntambama.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Mavela Masondo, uthe ukuboshwa kwenzeke ngemuva kwezinsuku ezimbili kuboshwe elinye iqembu lezigelekeqe e-Sebokeng kwatholakala nezibhamu.

“E-Benoni amaphoyisa alunywe indlebe ngesigameko sokugetshengwa kwebhizinisi enkampanini yezokuthutha kwathi amalungu e-Highway Patrol, i-Johannesburg Flying Squad, abe-K9 baphuthuma endaweni yesigameko lapho abahlangabezane khona nezinhlamvu zamadoda alinganiselwa kwangu-12 abehlomile,” kusho uColonel Masondo.

“Abasolwa baboshiwe kwase kutholakala nezibhamu ezinhlanu ezingekho emthethweni.”

Uthe uphenyo lokuqala luveza ukuthi abalelwa ku-14 amadoda abehlomile afike ehamba ngemoto yohlobo lwe-sedan namaloli amathathu lapho abambe khona onogada abakhomba ngezibhamu.

Abasolwa babe sebexhuma ama-trailer abelayishe ithusi emalolini.

“Amaphoyisa nonogada abazimele bafike babamba izigebengu ngesikhathi zisemagcekeni, nokuholele ekudubulaneni kwase kuboshwa abasolwa,” engeza.

E-Sebokeng ngoLwesine ngomhlaka-14 kuMbasa, amaphoyisa aphazamise esinye isigameko sokugebenga kuhlonyiwe abopha abasolwa abane abatholwe nezibhamu ezintathu.

UColonel Masondo uthe ithimba lamaphoyisa ophiko lwezobunhloli lithole imininingwane mayelana nesigameko sokugetshengwa kwebhizinisi obekuhlelwa endaweni yokucima ukoma e-Sebokeng Zone 14.

Ithimba elihlanganisa i-Crime Intelligence, i-Sedibeng Task Team, i-Sedibeng Tactical Response Team, i-Sedibeng K9, kanye ne-Sedibeng Flying Squad bebeqaphe ngeso lokhozi, beqaphe abasolwa.

“Ngezithuba zabo-17h15 imoto yabasolwa ebifana naleyo echaziwe ibonakale eduze kwendawo yokucima ukoma.”

Kubikwa ukuthi iqembu ebelihlomile lingene endaweni yokucima ukoma. Ngesikhathi amaphoyisa esondela, abasolwa bavele badubula kwabe sekuqala ukudubulana,” esho.

Uphenyo lokuqala luveze ukuthi imoto ebishayelwa ngabasolwa, i-VW Polo ebomvu, yebiwa e-Vereeniging ngonyaka odlule.

UKhomishana wesiFundazwe saseGoli uLieutenant General Elias Mawela uncome ithimba ngokuthatha isinyathelo ngokushesha nangesu lokuvikela ukugetshengwa kwebhizinisi kanye nokulahleka kwemiphefumulo.

“Iyangijabulisa indlela amalungu aluphathe ngayo lolu lwazi aphinde abopha laba basolwa, maningi amathuba okuthi la basolwa bayathinteka kwamanye amacala abucayi nanodlame,” kusho uJenene Mawela.

Izihloko zakamuva