Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
I-JMPD kanye noKlebe bagqekeze indawo eyimfihlo yokuhluza igolide e-Booysens esetshenziselwa ukuncibilikisa igolide ezimayini ezingekho emthethweni kulo lonke elase-Gauteng nasezifundazweni eziseduze.
Oyolungu lekomidi lemeya yezokuphepha edolobheni uMgcini Tshwaku lokhu kubanjwa kunqamule umthombo wemali obalulekile kumaqembu abavukuzi abangekho emthethweni njengoba kulindeleke ukuthi kuboshwe abantu.
Amaphoyisa athole indawo eyimfihlo yokuhluza igolide e-Booysens, avala umsebenzi omkhulu wokumba izimayini ngokungemthetho oxhumene nezinkampani zabavukuzi abangekho emthethweni.
Uphiko lwamaphoyisa kamasipala waseGoli (JMPD), i-K9, kanye noKlebe, lugasele endaweni yezimboni ngoLwesibili ekuseni.
Ngaphakathi, amaphoyisa athole imishini esetshenziselwa ukuncibilikisa nokucwenga igolide elimbiwe ngokungemthetho kulo lonke elase-Gauteng nasezifundazweni ezingomakhelwane.
Oyilungi lekomidi lemeya yezoPhepha weDolobha laseGoli uDkt Mgcini Tshwaku uthe lo msebenzi ulandelwe amasonto amaningi ugadwa ngomshoshaphansi nomsebenzi wezobunhloli.
“Lena bekuyisizinda sokuhluza esibalulekile sezinkampani zabavukuzi abangekho emthethweni. Ngokukhomba izindawo zokuhluza ezifana nalezi, sinqamula imigudu yezezimali egcina lezi zinhlangano zobugebengu ziphila,” esho.
Abaphenyi be-JMPD kanye noKlebe bachithe isikhathi sasekuseni beqoqa ubufakazi futhi bediliza indawo ehluzwayo.
UDkt Tshwaku uthe idolobha lisebenzisana nabezomthetho kuzwelonke ukucekela phansi yonke ingxenye yezimayini ezingekho emthethweni kusukela ekumbeni kuya nasekushushumbisweni.
“Sibashaya lapho okubuhlungu khona kakhulu, inzuzo yabo,” esho.
Ukugasela e-Booysens okwakamuva kuchungechungeni lwezinyathelo zamaphoyisa zokulwa nabavukuzi abangekho emthethweni kulo nyaka.
Sekuboshwe inqwaba yabasolwa ngokumba izimayini ezingekho emthethweni, ukutholakala neziqhumane kanye nokulimaza ingqalasizinda yedolobha.
UTshwaku uthe kulindeleke ukuthi kuboshwe abanye abantu njengoba amaphoyisa elandela umkhondo walabo abasebenzela indawo ehluzwayo.
“Lesi yisiqalo nje. Sizoqhubeka nokuhlakaza lezi zinhlangano zobugebengu kuze kube idolobha lethu seliphephile futhi,” esho.
Esithombeni esingenhla: Ezinye zezinto ezitholwe endaweni yokuhluza igolide engekho emthethweni e-Booysens, eningizimu yeGoli.
Umthombo wesithombe: Johannesburg Public Safety
