Amaphoyisa athwetshulwe kwividiyo ebhaxabula abalisa ababili

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amaphoyisa athwetshulwe kwividiyo eshaya abashayeli – futhi abakwa-SAPS basiqinisekisile isigameko.

Akuqondakali ukuthi lokhu kwenzeke kuphi kodwa imibiko ithi kwenzeke ku-N1 eGoli ngoMsombuluko.

Kule vidiyo amaphoyisa abonakala ehudula umlisa oyedwa emgwaqeni ngemuva kwalokho amkhahlela nomunye umlisa obehamba ngemoto yohlobo lwe-VW Polo.

Oyedwa kulaba abashayiwe usale edindilizile kanti omunye ukwazile ukusukuma ngesikhathi amaphoyisa abehlome eyizingovolo egibela ezimotweni zawo ehamba.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe uthe lusaqhubeka uhlelo lokuthungatha izisulu okusolwa ukuthi zishaywe ngamalungu akwa-SAPS.

“Ngemuva kokubikelwa ngesigameko esithwetshulwe kwividiyo egcwele izinkundleni ezahlukene zokuxhumana abaphathi bakwa-SAPS sebeluqalile uhlelo lokuthungatha izisulu ukuze bathole izitatimende kuzo ngesikhathi kusaqhubeka uphenyo lwangaphakathi emnyangweni,” kusho uMathe.

Uthe umbiko wokuqala ukhomba ukuthi izimoto ezibonakale kule vidiyo ngezakwa-SAPS kanti amadoda abonakale kule vidiyo angamalungu akwa-SAPS.

“Ngesikhathi uphenyo lwangaphakathi lomnyango mayelana nokuziphatha kwamalungu lusaqhubeka, i-SAPS iyaziqhelelanisa nokuziphatha okubi okuvezwe kwividiyo okungahambisani nezimiso kanye nekhodi yokuziphatha yakwa-SAPS eveza izimiso nemigomo okulindeleke ukuthi wonke amalungu akwa-SAPS ayilindele okubalwa ukuhlonipha, ubuqotho, ukuziphendulela kanye nokuhlonipha amalungelo abantu.”

Uthe ukhomishana kazwelonke wakwa-SAPS uJenene uFannie Masemola ukugxekile ukuziphatha kwala malungu.

“Amalungu akwa-SAPS kumele ahloniphe aphinde avikele amalungelo ayisisekelo awo wonke umuntu futhi asebenzise amandla anikezwe wona ngendlela efanele nelawulekayo. Ngeke sisivune isenzo esifana nalesi noma ngabe isimo sinjani,” kusho uMasemola.

Izisulu zikhuthazwa ukuthi zithinte uBrigadier Athlenda Mathe ku-082 040 8808 ukuze kwenziwe uphenyo.

Izihloko zakamuva