Lubhalwe nguSbongile Nonyana
- Izigelekeqe zahlasela owesilisa oneminyaka engu-59 ubudala emzini wakhe, zifuna imali ayithole njengenkokhelo yengozi yemoto.
- Abasolwa abane babanjiwe kodwa umbulali osemncane owaziwa “ngelikaLepai” ubalekile futhi kungenzeka ukuthi ucashe e-Alexandra, e-Edenvale noma e-Olivenhoutbos.
Amaphoyisa athungatha umsolwa oneminyaka engu-22 ubudala obalekele e-Gauteng ngemuva kokubulala owesilisa e-Polokwane.
Umgilwa (59), waklinywa emzini wakhe ose-Sebayeng ngoNtulikazi ka-2024 ngesikhathi izigelekeqe ezinhlanu—abesilisa ababili nabesifazane abathathu—befuna imali ayithola njengenkokhelo yengozi yemoto.
“Abasolwa bafuna ukunikezwa isamba semali umgilwa ayesanda kuyithola kulandela ingozi yemoto,” kusho okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uColonel Hlulani Mashaba.
Ngesikhathi lo wesilisa enqaba ukubanikeza imali, iqembu lezigelekeqe lamklinya labaleka.
Amaphoyisa abambe abasolwa abane ngoZibandlela: uWilson Mashao Malatji (24), uTebatso Mahakwana (23), uFlora Mabitsela (39), noKate Maboa (41).
Kodwa uTebogo “Lepai” Maboa (22), ugcwele amathafa. Amaphoyisa acabanga ukuthi wabalekela e-Gauteng mhlampe ucashe e-Alexandra, e-Edenvale, noma e-Olivenhoutbos.
Abasolwa abane ababoshiwe bavele eNkantolo yeMantshi yase-Mankweng ngoLwesihlanu. Bazofaka isicelo sebheyili ngomhlaka-28 kuMasingana.
Amaphoyisa acela noma ngubani owaziyo ukuthi ukuphi uTebogo “Lepai” Maboa ukuthi ashayele uSayitsheni Francina Selepe ku-067 083 9692 noma ku-crime stop ku-08600 10111.
Abantu bangasebenzisa futhi uhlelo lokusebenza lwe-MySAPS noma baye esiteshini samaphoyisa esiseduze nabo.
Esithombeni esingenhla: Umsolwa.
Umthombo: Sithunyelwe