Amaphoyisa athungatha umfanyana (6) olahlekile

Buziwe Nocuze

Amaphoyisa ase-Western Cape aphenya ngokuthunjwa komfanyana (6) ekhaya lakhe ekhoneni ku-4th and 9th Avenue, e-Kensington eKapa ngoLwesithathu ekuseni.

UShanawaaz Asghar, ofunda uGrade R esikoleni samabanga aphansi i-Hidayatul Islamic ubelungiselela ukuya esikoleni ehamba noyise kanye nezingane zakubo ngesikhathi entshontshwa abasolwa abayisithupha.

Okhulumela umndeni uMnu Dawood Esack onguSihlalo wesigungu esilawula isikole uthe ingane ayintshontshwanga esikoleni njengoba iningi labantu lisho kanjalo ezinkundleni zokuxhumana.

“Ngezithuba zabo-07:45 ubaba ubekhipha imoto egaraji elungiselela ukuhambisa izingane esikoleni. Ezinye izingane ezimbili besezivele zisemotweni,” kusho u-Esack.

Ngakho uye wangena ngaphakathi eyobheka ukuthi uShanawaaz ukhona yini. Umficile baphuma bobabili endlini kanye nomkakhe.

Ngesikhathi esondela emotweni uye wabona amadoda amahlanu emi kuvulandi wakhe. Uye wababuza ukuthi engawasiza ngani.

“La madoda aphendule athi ngalutho athi alinde ukuthi imvula iphele.

Ngokushesha ngemuva kwalokho omunye wabo ukhiphe isibhamu wamkhomba ngaso ngesikhathi abanye bethatha ingane,” kusho u-Esack.

La madoda abaleke noShanawaaz ngezimoto ezimbili, i-VW Volkswagen emhlophe kanye ne-Ford esiliva. Ingane ibigqoke umfaniswano wayo wesikole o-navy blue ngesikhathi ithunjwa.

U-Esack uthe uyise wesisulu usehlale kuleli iminyaka engaphezu kuka-30. Badabuka e-Pakistan kodwa zonke izingane zabo zazalelwa lapha.

“Yize bewumndeni wama-Pakistan sebeneminyaka eminingi belapha futhi bawumndeni owaziwayo endaweni,” esho.

Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape uColonel Andre Traut, uthe abasolwa abayisithupha babaleke endaweni yesigameko nesisulu kanti akukaboshwa muntu.

“Ngenxa yokuba bucayi kophenyo lwethu, ngeke sidalule eminye imininingwane mayelana nalesi sigameko okwamanje,” kwengeza uTraut.

Izihloko zakamuva