Lungani Zungu
Indoda eteketiswa umphakathi abayibiza ngoJohn Wick ibongwa njengeqhawe ngabahlali base-Mamelodi e-Tshwane, ngokubulala abasolwa ngokuba ngamalungu eqembu lezigelekeqe i-Boko Haram osekuphele iminyaka eminingi ihlasela umphakathi.
Kusolwa ukuthi umsolwa ongaziwa usebulale amalungu amahlanu ezigelekeqe.
NgoLwesibili, uJohn Wick uphinde wagadla.
Kulokhu, isisulu sakhe bekuPhillip Mnguni, owaziwa ngelikaNkunzi, owadutshulwa washona ku-N4 emgwaqeni omkhulu ngase-Diamond Hill Toll Plaza ehamba nentombi yakhe ngemoto yohlobo lwe-VW Polo emnyama.
Intombi kaNkunzi yasinda kulesi sigameko.
UJohn Wick ifilimu yaseMelika edlalwa u-Keanu Reeves, owayesethathe umhlalaphansi ekubeni inkabi, kodwa wabuya ukuze aziphindiselele.
Ithimba lamaphoyisa eliqokwe ukuba liphenye ngezigelekeqe, kumele libheke ukuthi uMnguni uyabandakanyeka yini namaqembu ezigelekeqe e-Mamelodi.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier uBrenda Muridili uthe ngokusho kozibonele ngawakhe, uMnguni nentombi yakhe badutshulwe ngabantu abebehamba ngohlobo lwe-Mercedes-Benz empunga.
“Uphenyo lokuqala endaweni yesigameko luhlonze umufi njengoPhillip Given Mnguni, obeneminyaka engama-35.
“Ithimba elisungulwe ukuphenya ngezigameko zamaqembu ezigelekeqe e-Mamelodi selivele limhlanganise namacala amaningi ahlobene ne-Boko Haram,” kusho uMuridili.
Ukhomishana wesifundazwe e-Gauteng, uLieutenant General Elias Mawela, uthe uMnguni ungumsolwa ohamba phambili ophenyweni lwe-Boko Haram e-Mamelodi.
Uthe amaphoyisa azingela abantu abebengaphakathi kwe-Mercedes-Benz empunga.
Akekho osaboshiwe okwamanje, kanti amaphoyisa abhalise icala lokubulala nelokuzama ukubulala,” kusho uMawela.
Amaphoyisa anxuse abantu okungenzeka ukuthi bazithele phezu kwemoto ukuthi bashayele i-SAPS Crime Stop kwinombolo ethi-08600 10111.
Abantu baseNingizimu Afrika baphuthume ku-Twitter, bencoma uJohn Wick ngokubulala izigebengu.
Abaningi bafisa sengathi uJohn Wick engahlala ezindaweni zabo ezigcwele ubugebengu.