Everson Luhanga & Lungani Zungu
Ngesikhathi kuqubuka umlilo esibhedlela iCharlotte Maxeke izigebengu zibone ithuba lokungena esibhedlela zintshontshe izinsiza kusebenza.
Amakhompiyutha ayishumi, ama-laptops amathathu, omabonakude abayisithupha kanye ne-fridge ngezinye zezinto ezitshontshiwe ngenkathi kusha isibhedlela ngoMbasa.
UNgqongqoshe wase-Gauteng wezempilo uDr Nomathemba Mokgethi usenxenxe amaphoyisa ukuba abophe lezigilamkhuba.
Okhulumela umnyango wakhe uKwara Kekana uqinisekisile ukuthi icala lokuntshontsha livuliwe endaweni yamaphoyisa e-Hillbrow ngoLwesibili.
Abaphathi babone ngoba sekwehle umlilo ukuthi kunezinsiza kusebenza okubalwa amakhompuyitha ezintshontshiwe.
UKekana uthe noma ngabe kukhona amakhompuyutha antshontshiwe, kodwa ayikho imininingwane esengcupheni.
Onogada sebefakwe kuzo zonke izindawo esibhedlela ngaphandle kwezindawo ekuthiwa abakakuqinisekisi ukuphepha.
Umlilo kusolakala ukuthi uqale lapho okuhlala khona izinto zokuhlinzwa nokunye.
Umonakalo owenzekile ungabiza izigidi ezi-R10.
Okhulumela amaphoyisa ukaputeni wase-Gauteng uKay Makhubela uqinisekisile ukuthi icala lokugqekeza livuliwe. UMakhubela uthe lolu daba lusaphenywa.
Icala livulwe ngemuva kokuba bathole ukuthi kunezinsiza kusebenza ezintshontshiwe ezingabalelwa kwizigidi. Abekho abasolwa abasaboshiwe kusho uMakhubela.
Amaphoyisa anxenxa abantu abanolwazi ngalokhu ukuba baye kobika emaphoyiseni ukuze kubanjwe abenzi balokhu.