Amaphoyisa athungatha abesilisa abaqhumise imoto yemali 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa abaqhumise imoto yemali e-Hazyview, eMpumalanga ngoLwesithathu ekuseni.

Ngesikhathi kugetshengwa izikhulu ezishayale imoto yemali zivele zadubula zibhekise kwizigebengu. Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi kudutshulwe kwabulawa elinye lamaphoyisa kwalimala amabili.

Ngemuva kokuthi abasolwa beyivulile imoto yemali ebinonogada, kuphume izizumbulu zemali kanti abantu abebedlula ngendlela bebetatazela befuna ukuhlwitha abebengakuthola.

Okhulumela i-Emer-G-Med, uKyle van Reenen uthe isigameko senzeke ekuseni.

“Ngaphambi kwehora leshumi nanye ngoLwesithathu, abezimo eziphuthumayo bakwa-Emer-G-Med baphendule endaweni yesigameko lapho okuqhunyiswe khona imoto yemali emgwaqeni u-R40 phakathi kwe-White River ne-Hazyview eMpumalanga,” eqinisekisa.

Uthe imibiko evela endaweni yesigameko ithi isibalo esingaziwa sabasolwa abebehlomile bavimbe imoto ebithwele imali ngaphambi kokuyiqhumisa.

“Kube khona ukudubulana okuholele ekutheni omunye wonogada athole amanxeba okudutshulwa abanye ababili basale benemihuzukwana.

“Oyedwa wonogada kuthiwe ushone ngesikhathi kufika abezimo eziphuthumayo kanti ozakwabo balashwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze ukuze bathole ukunakekelwa okwengeziwe.”

Esithombeni esingenhla: Imoto ethwala imali igqamuke amalangabi ngemuva kokuntshontshwa kwemali

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva