Amaphoyisa athungatha abasolwa abathumbe izelamani zakwaMoti

Dylan Bettencourt

Amaphoyisa anikeze umphakathi ulwazi oluncane mayelana nokuthungathwa kwezelamani ezine zakwaMoti ezathunjwa esikhathini esingangesonto eledlule.

UZia oneminyaka eyi-15, u-Alaan oneminyaka eyi-13, uZayyad oneminyaka eyi-11 kanye noZidan oneminyaka eyisithupha, bathunjwa mhla zingama-20 kuNcwaba ngabesilisa abayisikhombisa ababehlomile begqoke ama-ovaroli amhlophe, bethunjwa besendleleni eya esikoleni e-Dalmada, e-Polokwane. Lezi gilamkhuba zakhipha abafana emotweni bashiya umshayeli.

Omakhalekhukhwini bezingane baphinde batholwa esigangeni esiseduze.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnumzane uBheki Cele ukholwa ukuthi sebenenqubekela phambili ophenyweni lwabo njengoba iziphathimandla ziqoka ithimba lezinhlelo eziningi elihlanganisa nomnyango wezokuthuthukiswa komphakathi.

“Akungatshazwa ukuthi sesiyenzile inqubekela phambili. Kukhona ukulandelelwa kwezindaba. Njengamanje sinethemba lokuthi amaphoyisa azolicubungula icala,” kusho uCele.

Ummeli womndeni u-Philip Smit utshele i-Scrolla.Africa ukuthi i-SAPS imyalele ukuthi kungaphinde kuxoxiswane nabezindaba kulesi sigaba esibucayi sophenyo ngoba lokho kungaphazamisa kakhulu ukuphepha kwezingane.

“Imibiko izophuma ngokushesha uma izingane sezitholakele futhi zibuyele emakhaya ziphephile,” kusho uSmit.

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe laba besilisa abathumbe izingane bebengakasho lutho.

“Besingakatholi lutho. Asikwazi ukuthola imbangela yokuthumba ngoba bekungakaboshwa muntu,” kusho okhulumela amaphoyisa.

NgoNtulikazi, owesilisa eneminyaka engama-60 waKwaZulu-Natali wathunjwa wabanjwa isonto elilodwa ngaphambi kokuthi laba ababemthumbile bafune imali eyizigidi ezi-10 zamarandi. Lo wesilisa wakhululwa ngemuva kokukhokhwa kwaleyomali. 

Izihloko zakamuva