Lubhalwe nguSbongile Nonyana
ULieutenant Colonel Piet Pretorius ubulawe esemotweni yakhe yamaphoyisa ngesikhathi esemsebenzini e-Ermelo, eMpumalanga.
Ababulali babaleke ngemoto emhlophe ngemuva kokudubula usigaxamabhande wamaphoyisa (59) amahlandla amaningi.
Iphoyisa elingusigaxamabhande laseMpumalanga lidutshulwe lashona emini kwabha ngoLwesine lishayela imoto yalo yamaphoyisa e-Ermelo.
ULieutenant Colonel Piet Pretorius (59) obehola uphiko oluphenya ngezimoto ezebiwe e-Ermelo, udutshulwe wabulawa ngabo-2 ntambama.
Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uColonel Jabu Ndubane uthe imoto yephoyisa idutshulwe amahlandla amaningi.
“Ngemuva kokudubula iphoyisa, umsolwa ungene emotweni emhlophe yohlobo lwe-sedan wabaleka endaweni yesigameko,” usho kanje.
Amaphoyisa aphume umkhankaso omkhulu wokuthungatha ababulali base beqala umkhankaso wamahora angu-72 ukubabamba.
Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uMajor General Zeph Mkhwanazi ucele umphakathi ukuthi ulekelele ekutholeni ababulali.
“Ukubulawa kwamaphoyisa kuwukuhlasela ngqo uMbuso, sisamile ekutheni sizobopha abasolwa njengoba umphakathi uphucwe impahla ebinomthelela kwezokuphepha kwawo,” kusho uMkhwanazi.
Ithimba labaphenyi abaphezulu liphenya icala lokubulala. Amaphoyisa okwamanje awakazi ukuthi kungani uPretorius ebulewe kodwa asethembise imininingwane eyengeziwe maduze.
UMkhwanazi udlulise amazwi enduduzo emndenini kaPretorius, kubangani, kanye nakumaphoyisa abesebenza naye, wathembisa ukubopha abasolwa ngokushesha.
Esithombeni esingenhla: ULieutenant Colonel Piet Pretorius.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe