Amaphoyisa athungatha ababulali baka-AKA 

Lubhalwe nguZukile Majova

Ezinsukwini ezinhlanu kuphenywa ngokubulawa komculi wakuleli uKiernan “AKA” Forbes amaphoyisa athungatha zonke izinkalo.

UKhomishana waKwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uthe bacwaninga ngezimo ezaholele ekushoneni kwentombi ka-AKA u-Anele Tembe. UTembe wawa washona esuka esitezi seshumi ehhotela eKapa cishe eminyakeni emibili edlule.

USupermega kanye nomngani wakhe omkhulu uTebello Tibz Motsoane badutshulwe bashona ngaphandle kwase-Wish Restaurant ku-Florida Road  ngoLwesihlanu ebusuku.

Ababulali kulokhu amaphoyisa asekuchaza ngokuthi “abantu abebethunyiwe” sekuphele izinsuku ezinhlanu ungatholakali umkhondo wabo.

Abaphenyi abakwazanga ukubahlonza ezithombeni zamakhamera e-CCTV ahlukene, kanti uMkhwanazi uthi basaqhubeka nokulandela umkhondo wokuthi umshayi wesibhamu ufike kanjani endaweni yesigameko.

“Siyazi ngesigameko esenzeka eKapa. Yingakho ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, njengengxenye yesu lethu lophenyo kuwukuthola bonke abangaba izitha zomufi.

“Kungenzeka ukuthi isigameko esenzeka eKapa sathukuthelisa abanye abantu abasola yena ngokuba imbangela yokushona kuka-Anele.”

“Ngakho-ke siletha lelo cala futhi siletha noma iyiphi ingxabano abengaba nayo nanoma ngubani,” etshela i-Newzroom Afrika.

Abaphenyi bathi ababulali bebeqashelwe ukudubula babulale u-AKA kuphela, bengeza ngokuthi uTibz ubengaqondiwe.

“Esikubonile singamaphoyisa ukuthi izigebengu ezimbili zihambe zawela umgwaqo – kukhona esihambe kuqala sama eceleni komgwaqo esinye sazungeza imoto.”

“Udubule u-AKA ngemuva kwendlebe. Akazange amdubule umngani abehamba naye,” kusho uLt General Mkhwanazi.

Khonamanjalo uyise ka-AKA, uTony Forbes usegxeke abasebenzisa izinkundla zokuxhumana abasola abangani bendodana yakhe ngokuhlela ukumbulala.

“Asihambisani nalokho okushiwo ngabangani bakhe nalabo abakhuluma izinkulumo eziyingozi. Siyabanxusa ukuthi bayeke ukwenza lokho,” kusho uForbes.

Inkonzo yesikhumbuzo sikaTibz izoba e-Sacred Heart College e-Observatory eGoli kusasa.

Umndeni wakwaForbes uthe inkonzo yesikhumbuzo ka-AKA izoba ngoLwesihlanu ntambama e-Sandton Convention Centre futhi izosakazwa bukhoma ekhasini le-YouTube elithi-AKAWorldwide.

Izihloko zakamuva