Amaphoyisa athole izimoto ezintsha ezingu-209 ukulwa nobugebengu eGoli

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

  • Amaphoyisa aseGoli athole izimoto ezintsha ezingu-209 ezizowasiza ukulwa nobugebengu ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.
  • Izimoto eziningi zizoya emaphoyiseni aseGoli kanti ezinye izindawo zizothola izimoto ngokwezidingo zazo.

Njengoba sekuzoqala ngokusemthethweni isikhathi samaholidi kaKhisimusi, impi yokulwa nobugebengu eGoli isitholr ukweskwa okukhulu.

Lokhu kulandela ukunikezelwa ngokusemthethweni kwezimoto zamaphoyisa ezintsha ezingu-209 ngoLwesithathu ezizosetshenziselwa ukulwa nobugebengu ngalesi sikhathi samaholidi kaKhisimusi.

Izimoto ezizosiza ukulwa nobugebengu zinikezwe izikhulu emcimbini obuse-Midrand. Izimoto eziningi zizoya eGoli, kanti ezinye izindawo zizothola izimoto ngokwezidingo zazo.

UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uJenene uTommy Mthombeni uthe lezi zimoto ezintsha ziyingxenye yohlelo lokusiza amakamu amaphoyisa ukulwa nobugebengu.

“Ngezinsizakusebenza ezintsha sizokwazi ukulekelela abasebenzi esivele sinabo. Izimoto ziya kubaseshi abazosiza ukulwa nodlame oluthinta ubulili (GBV) nokuyinto edinga ukuthuthukiswa kakhulu izinhlaka zomthetho,” esho.

UNdunankulu waseGoli uPanyaza Lesufi uthe manje amaphoyisa awanazo izaba zokwehluleka ukulwa nobugebengu ngemuva kokuthola izinsiza eziningi ezinyangeni ezingu-18 ezedlule.

“Ezinyangeni ezingu-18 ezedlule, abakwa-SAPS bathole izindiza ezinophephela emhlane ezintathu, izimoto ezintsha ezingu-700, amakhamera e-CCTV angu-12 000, abaqapha umphakathi abangaphezu kuka-12 000 kanye nezikhungo ezinhlanu zokulwa nobugebengu esifundazweni. Lezi zinsiza zenze ngcono indlela esibhekana ngayo nobugebengu futhi siyayibona imiphumela emihle,” usho kanje.

“Senze konke okusemandleni ukuguqula isimo sokushoda kwezinsiza. Ukube bekuya ngami bengizonikeza amaphoyisa izibhamu esidlangalaleni ukuze umphakathi ubone ukuthi sizimisele kangakanani.”

ULesufi wengeze ngokuthi izigebengu akumele zibona iGoli njengekhaya lazo.

“Izigebengu kumele zazi ukuthi kumele ziye kwenye indawo kunokuthi zithathe amashansi eGoli,” usho kanje.

Esithombeni esingenhla: UNdunankulu uPanyaza Lesufi enikezela ngemoto.

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva