Kamogelo Olaitan
Amaphoyisa aseLimpopo athole izidakamizwa zika-R4 million e-Polokwane ngempelasonto.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi amaphoyisa elunywe indlebe ngalabo abadayisa izidakamizwa endaweni yase-Thornhill Suburb. Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni ehlonziwe athole owesifazane oneminyaka engu-24 kwathi uma ebheka endlini athola izidakamizwa ezibizwa nge-heroin ne-Crystal meth engabiza u-R4.2 million.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier uMotlafela Mojapelo uthi bakholelwa ukuthi isoka lalo wesifazane eliqhamuka kwelinye izwe libaleke endaweni yesigameko ngemuva kokubona ukuthi amaphoyisa abeza egcekeni.
Amaphoyisa adlulele komunye umuzi obuhlonziwe lapho afice izidakamizwa nemali engu-R400,000.
UMojapelo uthe owesilisa oneminyaka engu-50 ubudala uboshwe kulo muzi kwashaqwa nemoto yakhe.
Ibamba likaKhomiwesifundazwendazwe uGeneral Jan Scheepers, ohambele indawo yesigameko uncome amaphoyisa ngokusukumela lolu daba ngokushesha ngolwazi abalutholile.
“Lena ngenye yempumelelo enkulu amaphoyisa aseyizuzile esifundazweni kuze kube imanje. Amaphoyisa azoqhubeka nokusebenza aqondise izigwegwe kubadayisi bezidakamizwa ukuze ahlenge izimpilo zabantu base-Limpopo,” kusho uGeneral Scheepers.
Abasolwa ababili bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Polokwane ngoMsombuluko. Amaphoyisa athe asazobopha abanye maduze.