Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
NgoLwesibili, amaphoyisa abophe indoda eneminyaka engu-42 ubudala yangaphandle ngokudayisa izidakamizwa.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape uWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe ngenxa yokubekezela kwamaphoyisa, baphendule ngemniningwane abayitholile mayelana nendawo okungenzeka ukuthi kuhanjiswa kuyo izidakamizwa.
“Ekuseni ngoLwesibili ngomhlaka-29 kuMfumfu ka-2024, ithimba lezi zinhlaka ezahlukene ziphendule olwazini oluqhutshwa ezobunhloli laya endaweni yaseParow,” kusho uSwartbooi.
Kuthe bengena kulo muzi kwabe sekuseshwa okuholele ekutheni kutholwe izidakamizwa ezilinganiselwa ku-R1 million kwaboshwa owokufika oyedwa.
“Uma esethweswe icala, umsolwa kulindeleke ukuba avele enkantolo yeMantshi yaseParow ngaleli cala,” kusho uSwartbooi.
Esigamekweni esingahlobene, amaphoyisa angaphansi kwe-Operation Restore, abetshalwe eWestern Cape, aphendule ngolwazi mayelana nezenzo ezisolisayo ezakhiweni zaseParklands.
“Baqaphe indawo base beqala umkhankaso wokuthungatha umuzi oseCarlton Crescent ngezithuba zabo-11:30 ekuseni nokuholele ekutheni kutholakale izimbaza (abalone) ezingu-1,824 zenani elilinganiselwa ku-R700,000,” kusho uSwartbooi.
Abesilisa abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-23 no-45 baboshwe ngokutholakala nezimbaza ngaphandle kwemvume.
Uma sebethweswe amacala, abasolwa kulindeleke bavele eNkantolo yeMantshi yaseKapa.
Isakhamuzi uYoliswa Sithelo useyabona ukuthi amaphoyisa aqine kangakanani emsebenzini wawo.
“Uma beqhubeka nalokhu ngikholwa ukuthi abantu abathutha izidakamizwa bazocabanga kabili. Izinto sezishintshile, futhi siyajabula ukuthi amaphoyisa ayawenza umsebenzi wawo. Esifuna ukukubona ukuthi abenzi bobubi bahlale ezitokisini,” kusho uSithelo.
Isakhamuzi esingathandanga ukudalulwa igama asikholelwa ukuthi abantu bangaphandle basebenza bodwa.
“Ngicabanga ukuthi basebenzisana nabaseNingizimu Afrika. Umthetho kumele udlale indima yawo futhi wenze isiqiniseko sokuthi bonke abasolwa bayakhokha ngokwephula umthetho. Kumele bathole izigwebo eziqinile ukuze bathumele umyalezo oqinile kwabanye abephula umthetho,” kusho isakhamuzi.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa ashaqe izidakamizwa zenani elilinganiselwa ku-R1 million kanye nezimbazi elinganiselwa ku-R700,000 e-Table View.