Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa athole ipulazi lensangu elinezitshalo nemishini yensangu engu-1200 engabiza u-R10 million.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal abophe abasolwa ababili ngemuva kokuthi betholakale besebenza endaweni eyimfihlo yokulima insangu epulazini elise-Fountains Head, e-Mkomaas ngeSonto ntambama.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Robert Netshiunda uluqinisekisile uphenyo. Uthe amaphoyisa ebezihambela endaweni ngesikhathi ezithela phezu kwendawo yokutshala insangu engekho emthethweni.
Uqinisekise ukuthi kulelo pulazi kutholwe imishini yokugaya insangu elinganiselwa ku-R10 million kanye nezitshalo zensangu ezingu-1 200.
“Amaphoyisa azovalela umsolwa wesithathu okukholakala ukuthi ungumnikazi wendawo yokutshala insangu,” kusho uColonel Netshiunda.
Abasolwa ababoshiwe bazovela enkantolo maduze.
UNetshiunda uthe komunye umkhankaso amaphoyisa ophiko lwe-Provincial Drugs and Firearms alandela umkhondo mayelana nenqwaba yezidakamizwa ezidayiswa emigwaqeni yeTheku.
“Ithimba lidlulele endaweni ehlonziwe lagasela efulethini elisePhoyinti,” esho.
“Abalelwa ku-7 500 amaphilisi e-ecstasy, i-cocaine kanye ne-ephedrine powder okutholwe ngaphakathi kule ndawo,” esho.
Isilinganiso sentengo yasemgwaqweni yezidakamizwa esitholiwe silinganiselwa ku-R1.2 million. Kusaqhubeka ukuthungathwa komsolwa obeqashe kuleli fulethi.
Esithombeni esingenhla: Ipulazi lensangu