Sibonelo Zwane
Ngokusho kwamaphoyisa, isibhicongo esenzeke endaweni yokucima ukoma iMdlalose e-Nomzamo Park e-Soweto ekuqaleni kwale nyanga besihlosiwe.
UKhomishana wesiFunda saseGoli uJenene Max Masha uthe abaphenyi bakwa-SAPS banomkhondo omuhle kanti kungekudala bengabopha izinkabi ezidubule zabulala abantu abangu-16 zashiya abayisishiyagalombili belwela izimpilo zabo esibhedlela.
Ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa e-Orlando, uMasha uthe uphenyo lwamaphoyisa luhlobanisa lesi sigameko nobugebengu obuhleliwe futhi sebehlonze abathintekayo.
“Isigameko sokudubula bekuwubugebengu obuhleliwe kanti abasolwa sebehlonziwe,” usho kanje.
Uqhube wathi: “Maduze abasolwa bazoboshwa kodwa okwamanje yilokho kuphela engingakudalula. Asifuni ukuphazamisa icala.”
Amazwi kaMasha afana nakaNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele otshele abezindaba esiteshini samaphoyisa e-Alexandra ngoLwesihlanu ukuthi bahlonze abasolwa abadubule ethaveni iMdlalose nokuthi badabuka KwaZulu-Natal.
UCele uphinde wathi sekuseduze ukuthi abasolwa baboshwe.
UMasha uchaze ukuthi amalungu akwa-SAPS ezinhlakeni ezahlukene asazulazula eNomzamo futhi kuzolandelwa ukuqapha okunzima kuleli lokishi. “Kumele siqinise ubudlelwano bethu nabadayisi botshwala siqinisekise ukuthi bayayilandela imithetho.”
Lokhu kuvakasha kube ngokwesicelo seKomidi leSishayamthetho leSifundazwe saseGoli elibhekelele Ukuvikeleka koMphakathi ukuze lihlole inqubekelaphambili kulolu daba ngemuva kokudutshulwa kwabantu abaningi.
Umphathi siteshi e-Orlando uBrigadier Nonhlanhla Kubheka uthe namanje akalali ngenxa yalokhu akubone ethaveni iMdlalose.
“Bengiphakathi kwabafike kuqala endaweni yesigameko futhi engikubone kuleya ndawo namanje kungiphatha kabi,” esho. “Angikaze ngisibone isihluku esinjeyana selokhu ngaqala ukwenza lo msebenzi. Bekukuningi kakhulu obekumele ngikubekezelele.”
Uthe usefunde isifundo esibuhlungu abaningi okufanele bafunde kuso.
“Sidinga nenombolo yocingo ezosiza umphakathi ukuthi usithinte kuyo ngokushesha uma kunesimo esiphuthumayo.”
U-Alfina Ndlovana, usihlalo wekomiti lezokuphepha komphakathi eGoli uncome ukubambisana kwe-CPF namaphoyisa ekwandiseni izinyathelo zokuphepha eNomzamo.
“Siyambonga futhi sincoma uNgqongqoshe wamaphoyisa ngokufaka amanye amayunithi okuhlanganisa namabherethe okuthiwa asebenza ngokuzikhandla ukuzulazula kule ndawo aqaphe,” usho kanje.