Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Amaphoyisa athi amanga aluhlaza ukuthi amathikithi omdlalo wamanqamu we-Nedbank ophakathi kwe-Kaizer Chiefs ne-Orlando Parates kubenomgunyathi ngokudayiswa kwawo.
UGeneral Phumelele Makhoba oyiphini likaMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uthe iPSL ibachazelile ukuthi wonke amathikithi abebewahlelile adayiswe aphela.
“Sithanda ukukucacisa ukuthi lokhu okushiwo ezinkundleni zokuxhumana ngamathikithi alo mdlalo wamanqamu, akukho lokhu okushiwo ezinkundleni zokuxhumana. Amathikithi adayiswe wonke futhi siyacela ukuthi abantu bangalokothi basondele enkundleni uma bengenawo amathikithi ngoba lokho kuyobafaka engozini yamaphoyisa azobe engahleki engathi nsi,” kuchaza uGeneral Makhoba.
Uveze ukuthi balandela bonke laba abebenza izinsongo zodlame ezinkundleni zokuxhumana kanti lokhu sekwenze kwengezwa ezokuphepha kakhulu kunakuqala.
Unxuse ukuthi bonke laba abanamathikithi abaqinisekise ukuthi bafika enkundleni kusenesikhathi ukuze kulandelwe yonke imigudu yezokuphepha.
Ngisho iziphathimandla zeTheku zithe luzobe lungafakwa eThekwini kulo Mgqibelo kuzephulamthetho.
UDr Vusi Mazibuko uthe labo abangenawo amathikithi izinhliziyo zabo azingakhathazeki ngoba bahlelelwe indumezulu yobumnandi lapho bezokwazi ukubuka khona ibhola mahhala.
Uthe bahlele izindawo ezinkulu e-Albert Park naseSouth Beach kanti ziyovulwa ngo-12 emini ukuze abantu bazijuxuze ngaphambi kokuqala komdlalo.

Lo mdlalo obhekwe ngabomvu wezingqungqulu zaseSoweto kuthiwa kukhishwe amathikithi abalelwa ku-49 000 ngenxa yokuthi inkundla iyalungiswa kabusha umasipala weTheku.
Uma kunalo mdlalo walezi zinkunzi kuvamise ukuba kudayiswe amathikithi abalelwa ku-90 000 kodwa ngenxa yesimo kukhishwe amancane kanti lokhu kuthukuthelise abantu bekhala ngokuthi kunomkhonyovu owenzekile ngoba akekho abamaziyo owathengile kodwa sekuthiwa aphelile.