Amaphoyisa athele othulini ngenhlamvu abesilisa (4) abawuzalo abebesematekisini

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Osomatekisi basoLundi bakwaBiyela ababulawe amaphoyisa bebhace eNtibane Lodge, kuthiwa bebelungiselela ukuyongcwaba abafowabo abashone empini eqhubekayo phakathi kwabakwaXulu nabakwaBiyela esigodini sakwaSanguye nokudume ngokuthi kukwaYanguye e-Melmoth.

Lokhu kuvele ngemuva kokuthi uphiko  lwamaphoyisa olubizwa nge-NIU (National Intervention Unit) luqothe ngenhlamvu izinsizwa ezine ezintathakusa zangoMgqibelo. Amaphoyisa athi lezi zinsizwa abezifuna uthuli ngamacala okubulala kanti eminye imithombo ithi bezithinteka ekushaweni kwezimoto zemali endaweni yase-19 ngasoLundi.

Lezi zinsizwa kuthiwa uMnuz Sjula Biyela obedume kumagidangoma nakuMaskandi ngokuthi iQhawe lakoMenziwa, kube uMnuz Sihle Gwajo Biyela, uMnuz Bizokwakhe Sithole kanye noMnuz Lindani Ncanana. 

“Amaphoyisa alapha oLundi ebengazi lutho ngalesi sigameko sokutheleka kwe-NIU. Nawo ezwe ngomsindo wezibhamu ebengazi ukuthi uqhamukaphi. Laba ababulewe sekungashiwo okunye ngabo kodwa ebesikwazi ukuthi bebezisebenzela oLundi kodwa bacasulwe ukuthi kunemali abebeyikhokhiswa nabanye ozakwabo baseNkonjeni nabaseZihlabeni engu-R120 njalo itekisi uma iphuma,” kusho umthombo. 

Uthe okuphinde kwasusa udungunyane ukuthi bebefuna ukwazi ukuthi ishonaphi imali yetekisi eyathengwa inhlangano 

ukuba kuhlomule bonke osomatekisi ngayo uma isebenza.

Omunye umthombo uthe laba bebebhacile eNtibane Lodge belele nezintombi zabo ngenkani bengafuni nokukhokha.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netsheunda uthe laba basolwa bavulelwe amacala okuzama ukubulala amaphoyisa yize kuyibo abashonile. Uthe isizathu ukuthi ngesikhathi amaphoyisa efika eNtibane Lodge acele ukuba baphume ezindlini kodwa bavele bawadubula nokube yilapho nawo aphendule khona ngenhlamvu ezivikela. 

“Bebefunwa ngamacala okubulala amabi. Batholwe becashe eNtibane Lodge ngemuva kokuba amaphoyisa elunywe indlebe ngabo,” kusho uNetsheunda .

Izihloko zakamuva