Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Izinga eliphezulu lobugebengu elokishini laseNyanga seliphoqe izinkampani nabantu abahambisa izimpahla ezindaweni eziseduze ukuthi bacele ukuphelezelwa amaphoyisa.
Kodwa-ke, nakuba umuntu elindele ukuthi lokhu kube mahhala akunjalo kwabakwa-SAPS eNyanga.
Amaphoyisa esiteshini saseKapa asolwa ngokucela imali engu-R75 ngokuphelezela noma ngubani odinga usizo.
Ilungu lomphakathi elingadalulwanga igama alimangalanga ngesikhathi lizwa lezi zindaba.
“Sonke siyazi ukuthi amalungu akwa-SAPS akhohlakele. Ngakho akumangazi ukuthi acela imali,” kusho lo muntu.
Manje i-Community Policing Forum (CPF) icela izakhamizi ukuthi zidalule amagama amaphoyisa acela le mali.
Kuze kube manje leso sicelo sibonakala siyinto engenakwenzeka. “Akekho ofuna ukubeka impilo yakhe engcupheni. Sonke siyazi ukuthi kuzokwenzekani uma izisulu zingaphumela obala. Mhlawumbe izinkampani zingakwazi ukukwenza hhayi abantu,” kwengeza isakhamuzi.
Unobhala we-CPF eNyanga uDumsani Qwabe uzizwile lezi zindaba.
“Sizolubheka lolu daba, kodwa kuzoba lula kakhulu uma izisulu zingaphumela obala. Uma kuwukuthi lezi zindaba ziyiqiniso kuyihlazo futhi akwamukelekile lokhu.”
Isakhamuzi uNtombekhaya Kewuti akamangalanga.
“Angiwathembi amaphoyisa aseNyanga; uma bengathathi utshwala kubanikazi bamathaveni bantshontsha imali yabo,” esho.
“Siyazi ukuthi kunamaphoyisa azinikele athanda umsebenzi wawo bese kuba khona anenkohlakalo angalihloniphi ibheji, kumele kuphele lokhu.”
Esithombeni esingenhla: Isiteshi samaphoyisa saseNyanga eKapa
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze