Sizwe Sibiya
UMphathi we-Click Media nophinde abe ngumsakazi wezindaba uChristian Kazadi ushone ngesikhathi evakashele ezweni lakhe e-Congo DRC ngoLwesibili.
UKazadi ongumfowabo womlingisi we-Scandal uJoe Kazadi kubikwa ukuthi udutshulwe ngamaphoyisa ase-Congo ngesikhathi evakashele kuleliyazwe ngemuva kokuhambela ingqungquthela ye-Forbes 30 Under 30 e-Botswana.
“Ngibusisiwe ngokuba yingxenye Yengqungquthela [ye-Forbes 30 Under 30] e-Botswana ngimele iNingizimu Afrika ne-Congo DRC,” kubhala uKazadi ezinkundleni zokuxhumana ngaphambi nje kokufika kuleliyazwe.
“Umndeni wakwaKazadi udabukile ngokushona ngesihluku kukaChristian Kazadi, Sicela ukubekezela nomthandazo kuwo wonke umuntu ngalesi sikhathi,” kusho umndeni wakhe ngoLwesithathu ekuseni ngesikhathi uqinisekisa izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni.
Ngokushesha ngemuva kwesimemezelo, amazwi enduduzo aqalile ukungena elakanyana, kuhlanganisa nencwadi evela kumfowabo uJoe ayisabalalise ku-Instagram lapho ethe bayaziqhenya ngomfowabo omncane:
Gazi lami okokuqala njengoMfowenu omdala ngiyaziqhenya ngawe Kazadi wa mawu, wenze okungenzeki ezweni okungelona elethu.
Emzansi lapho esibone khona ubunzima obukhulu njengezingane eziphuma kwamanye amazwe, ukhule sengathi kusekhaya.
Kazadi umsebenzi wami uzoba yini ngaphandle kwakho mfowethu!
Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule bekufanele siphume siyophuza futhi sihlele ibhizinisi lethu elisha, uye waphoxeka kakhulu kodwa manje sengiyaqonda, Chris.
Njengamanje ngingemuva emotweni ngiyakhala njengoba ngisendleleni yokuyoduduza umama.
Ngiyaxolisa mfowethu. Ngiyaxolisa ukuthi abangakithi bakubulalele ekhaya lapho obekufanele uphephe khona.
Ngiyaxolisa ukuthi besingekho ukuze sikuvikele, ngiyakuthanda kakhulu mfowethu.