Amaphoyisa asola ukucinywa kukagesi ngokwanda kobugebengu eGoli

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Izibalo zakamuva zobugebengu esifundazweni saseGoli zikhomba ukuthi amacala okubulala, ukudlwengula nokuthumba anyukile esifundazweni.

Izibalo zekota yokuqala yonyaka esifundazweni ezikhishwe ngoLwesibili zikhombisa ukuthi ziya ngokwanda izibhamu kanye nezinhlamvu ezingekho emthethweni kanye nokugetshengwa kwezimoto zemali.

Ekhuluma nabezindaba e-Gold Reef City eGoli uKhomishana wamaphoyisa esifundazweni saseGoli, uLieutenant-General u-Elias Mawela uthe izinga eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi, ukucishwa kukagesi nezinye izinto zomnotho womphakathi kuyimbangela yobugebengu esifundazweni.

Uthe izibalo zobugebengu eziqoshiwe zekota yokuqala ka-2022/2023 zikhombise ukukhula ngo-7.1% ngaphansi komkhakha othi-“17 Community Reported Serious Crimes.”

“Isifundazwe sino-27.1% wobugebengu obukhona ezweni kule kota. Ukushaya ngenhloso yokulimaza kanye nokuhlasela okuvamile yikhona okunomthelela omkhulu emacaleni ethu obugebengu,” esho.

Ezigamekweni zokubulala ezibikiwe zizonke ezenzeka phakathi nalesi sikhathi abantu abangu-852 babulawa ngezibhamu, abangu-28 bakhandwa ngamatshe bashone kanti abangu-24 babulawa ngento egcijile.

Phakathi kwezigameko ezigqamile ezibikwe ezibalweni yileso sezidumbu eziyisithupha ezasezonakele ezatholwa endaweni yokukhanda izimoto ebhilidini elisedolobheni laseGoli kanye necala lokubulawa kwamayengandoda elabikwa i-Scrolla.Africa.

Elinye icala eligqamile ngelabantu abayisikhombisa abadutshulwe babulawa ngesikhathi abasolwa abane bezama ukubamba inkunzi abadayisi basemgwaqeni abebedayisa amanqina enkukhu.

UMawela uthe amaphoyisa abelindele ukwanda kobugebengu ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi kodwa nakuba ezama ukunqanda izinga lobugebengu izibalo zikhomba ukuthi amaphoyisa ahlulekile ukubunciphisa.

Uthe ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi kwafaneleka ukuthi iziphathimandla zivikele imicimbi eminingi ethathwa njengeyingozi.

UMawela uthe phakathi kukaMfumfu noZibandlela nyakenye amaphoyisa kwadingeka ukuthi aqaphe imibhikisho enokuthula engu-403 kanye nenezinxushunxushu engu-97.

“Zonke lezi zigameko obekudingeka zibhekwe ziholele ekuncishisweni kwemisebenzi esemqoka njengoba kwakusatshalaliswa izinsiza ukuze kuhlangatshezwane nomsebenzi wethu womthethosisekelo.”

UMawela ugcine enxusa ezinye izinhlaka zikahulumeni, izinkampani ezizimele, nomphakathi wonkana ukuthi usize ukulwa nobugebengu.

“Ubugebengu buseyinkinga yomphakathi edinga uhulumeni wonke, izinkampani ezizimele, kanye nomphakathi ukuthi ungenelele,” kusho uMawela.

Esithombeni esingenhla: UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni saseGoli uLieutenant General Elias Mawela 

Umthombo wesithombe: SAPS

Izihloko zakamuva