Amaphoyisa asiza izigebengu ngokudayisa izidakamizwa e-Kempton Park

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ikamu lamaphoyisa e-Kempton Park libhekene nenkohlakalo ebucayi lapho amaphoyisa esiza izigebengu ngokushushumbisa izidakamizwa.

Ikamu liphakathi kwamakamu angu-40 enza kabi kakhulu.

Amanye amaphoyisa eKempton Park asebenzisana nezigebengu ukudayisa izidakamizwa, lokhu kutholwe izishayamthetho.

Lokhu kutholwe ngemuva kokuthi ikomiti lesiShayamthetho sesifundazwe sase-Gauteng livakashele ikamu lamaphoyisa. Baphinde bavakashela ikamu lamaphoyisa e-Roodepoort.

Womabili aphakathi kwamakamu angu-40 enza kabi kakhulu e-Gauteng. E-Kempton Park, amaphoyisa alwa nezibalo ezikhuphukayo zabantu abangenawo amaphepha afanele, okwenza kube nzima ukulwa nobugebengu.

USihlalo wekomiti uBandile Masuku uthe i-Roodepoort ibhekene nezinkinga ezahlukene. “Sihlonze ubugebengu obubucayi obunjengokushaya, udlame olubhekiswe kwabesifazane, ukudlwengula, ukugebenga nokuduna izimoto nakho kuhlonzwe njengokukhathaza kakhulu,” usho kanje.

Ikamu lamaphoyisa liphinde libe nezinga eliphezulu lokubulala nelokuzama ukubulala okuhlobene nokugqekeza. Kukhona futhi ukudubula okungahleliwe okuxhumene nokuzuthathela umthetho ezandleni kanye nokumbiwa kwezimayini okungekho emthethweni.

UMasuku uthe badinga ukusebenzisana okungcono phakathi kohulumeni basekhaya nabaholi bomphakathi ukuze kuliwe nobugebengu. Badinga nezinsiza ezengeziwe eziteshini.

“Sizozwakalisa izikhalo emhlanganweni ojwayelekile noKhomishana wamaphoyisa esifundazweni, uLieutenant General Tommy Mthombeni,” usho kanje.

Kodwa likhona ithemba. Ikomidi libone ubugebengu behla kwikamu lase-Reitgat endaweni yase-Jukulyn enzima yaseSoshanguve ngemuva kosizo lwabo.

UMasuku uthe kumele babheke nokuthi kumele bayigade kanjani kmijondolo kangcono. 

“Kuphinde kudingeke ukuthi kukhulunywe ngendaba yokuphoyisa ezakhiweni njengoba ziveza izingqinamba ezihlukile njengokungabibikho kwamagama emigwaqo, izinombolo zezindlu, ukungakhanyi ngokwanele okwenza umsebenzi wamaphoyisa ube nzima,” usho kanje.

Osesithombeni esingenhla: UBandile Masuku.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva