Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Abakwa-SAPS bahoxise uphiko lwezokuvikela eNdlunkulu kaZulu kuzo zonke izigodlo eziyisikhombisa zeSilo esakhothama uZwelithini kaBhekuzulu.
I-Scrolla.Africa sithole ukuthi wonke amaphoyisa abevikela izigodlo zobukhosi bakaZulu atshalwe kabusha eziteshini zamaphoyisa ezahlukene KwaZulu-Natal.
La maphoyisa ashiye umsebenzi wawo ngoLwesine ngesikhathi amalungu omndeni wasebukhosini eseMgungundlovu ehambele ukuvulwa kwesiShayamthetho saKwaZulu-Natal sivulwa iSilo uMisuzulu enkundleni yezemidlalo i-Oval Cricket.
“Sisashaqekile futhi sididekile ngokuthi kungani abasebenzi bakwa-SAPS behoxiswe ngaphandle kwencazelo. Lokhu kuyasikhathaza sonke, ikakhulukazi ngesikhathi umndeni wasebukhosini usasengozini ngenxa yempi yokulwela isihlalo sobukhosi,” kusho umthombo.
I-Scrolla.Africa sithole ukuthi lesi sinqumo sithathwe ngoba awukho umsebenzi ogunyazwe ukuhlinzeka ngonogada ezigodlweni zeSilo uZwelithini owakhothama kanti iSilo uMisuzulu asinaso isigodlo okwamanje.
Esinye isigodlo esibizwa ngokuthi eMbelebeleni, kwaMashu eThekwini sashiywa ngamaphoyisa kudala.
Kulesi isigodlo kwahlaselwa kwalimala uNdlunkulu wesibili weSilo uZwelithini, uNdlunkulu uBuhle kaMathe waseSigodlweni saKwaDlamahlahla empini eyayiphakathi kwe-IFP ne-ANC.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Athlenda Mathe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abaxoxi nomphakathi ngezokuphepha zasebukhosini.
“Ngenxa yezizathu zokuphepha asixoxi nomphakathi noma abezindaba ngezindaba zezokuphepha ezithinta umndeni wasebukhosini bakaZulu okuhlanganisa neSilo,” kusho uMathe.
Esithombeni esingenhla: ISigodlo sasoNdini okwakuyikhaya leSilo uCetshwayo esiphethwe uNdlunkulu wesithupha weSilo esakhothama uZwelithini kaBhekuzulu, uNdlunkulu uZelusile kaMafu.
Umthombo Wesithombe: Imindeni yasebukhosini yase-Afrika