Everson Luhanga
Ngemuva kokulimala, ukushaywa nokuhlukunyezwa ngokwengqondo, uNtokozo Mbatha ubekholelwa ekutheni uzothola ukuvikeleka emaphoyiseni – kodwa okumthuse kakhulu ukuthi abuyiselwe emuva ukuthi ayobhekana nokunye ukuhlukunyezwa.
“Hambani niyolingisa izinto,” kusho iphoyisa ngenkathi eyovula icala.
Esengozini futhi evele eyisisulu sokuhlukunyezwa, amaphoyisa awazange amvikele. UNtokozo uthe, ngesikhathi befaka umhlukumezi esitokisini, bamshiye nesoka lakhe bodwa egumbini ukuze baxazulule ukungezwani kwabo.
Ekhuluma esekhaya lakhe e-Alexandra, enyakatho neGoli, umama wezingane ezimbili oneminyaka engama-21 utshele i-Scrolla.Africa ukuthi isoka lakhe, elingumnikazi wetekisi, limhlasele ngoLwesihlanu. Lithi akalihloniphi.
“Benginodadewethu nabangani ngesikhathi efika ehlala nathi. Sithathe udadewethu samhambisa kwakhe kwenye ingxenye ye-Alexandra, ngenkathi sesibuyela emuva, umise imoto wangitshela ukuthi angimhloniphi,” esho.
Yilapho okusolwa ukuthi umshaye khona.
Ngenkathi befika endlini yesoka, libe nolaka kakhulu.
“Ungishaye ebusweni sengathi ngiyisilwane esiyingozi esizama ukumbulala,” kusho uNtokozo.
Ngesikhathi eshaywa, ubesabela ukuthi isoka lakhe lizombulala lisebenzisa izibhamu zalo ezimbili.
UNtokozo uthe bekungekhona okokuqala isoka lakhe limhlukumeza.
Ezinyangeni ezintathu ezedlule, baxabanela emzini kaNtokozo. Isoka lakhe labe selimthatha lamusa endlini yalo lamvalela lahamba layothatha izibhamu zalo.
“Uze nezibhamu wadubula bukhoma kubangani bami abebezama ukungivikela, wacishe wadubula oyedwa kodwa wageja,” esho.
Uthe ngesikhathi eya emaphoyiseni ngoLwesihlanu ebusuku, uye esiteshini samaphoyisa e-Alexandra eyovula icala okuyilapho leli phoyisa libafake khona egumbini lathi mabalungise inkinga yabo.
“Ngiphume ngenkani ngafuna ukumvulela amacala obugebengu”.
Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Kay Makhubele uthe amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala.
UMakhubele uthe umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra wadedelwa ngebheyili.