Amaphoyisa ashayele izandla umphakathi obambisene

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Izakhamuzi zase-Samora Machel eKapa sezibeke ezandleni zazo umsebenzi wokulwa nobugebengu.

Okwenza leli qembu labaqaphi abangomakhelwane lihluke emaqenjini amaningi aqaphayo ukuthi linconywa ngisho amaphoyisa imbala.

Uconstable Siviwe Gaqa obemele amaphoyisa endawo uzwakalise ukubonga ngokuzinikela kwamalungu omphakathi abeqaphile wacela ukuthi babike zonke izenzo zobugebengu eziteshini zabo.

Uvumile ukuthi amaphoyisa ashoda ngezinsiza, kodwa wathi bangabuqeda ubugebengu uma bebambisene.

Ikhansela lewadi uLungisa Somdaka lidalule ukuthi ikomidi lewadi likhiphe imali yokuxhasa imizamo yonogada abangomakhelwane.

“Bavuka ekuseni kakhulu futhi sesibathengele namajakhethi, siyazi ukuthi abasebenzi futhi abanayo imali, kodwa siyabonga ngomsebenzi abawenza emphakathini.”

UJP Smith onguNgqongqoshe wezokuPhepha nokuVikela, uzibophezele ukuhlanganisa umnikelo olingana nowekhansela, amabhayisikili, amathoshi namabhantshi engeziwe.

Isakhamuzi uMandisa Mantuse uzwakalise ukuthakasela lolu hlelo.

“Izigebengu ziyasithusa kanti abanye abantu bangase bacabange ukuthi siyakwamukela okwenzekayo, kodwa iqiniso ukuthi siyabesaba, abasihloniphi futhi kuyabajabulisa lokho. Sizosebenzisana namalungu onogada abangomakhelwane.

Ilungu lokuqapha komakhelwane uRia Ndzendze lithe izigebengu zigcwele yonke indawo.

“Kunzima ngisho ukuthumela ingane ezitolo.”

USive Mcunukelwa, iPhini likaNobhala we-Community Policing Forum, unxuse izakhamuzi ukuthi zibhekelele ukuphepha komphakathi futhi zibike izenzo zobugebengu.

“Indawo yethu ithathwa njengendawo ethandwa kakhulu uma kukhulunywa ngobugebengu. Ngeke silindele ukuthi i-SAPS ibe yonke indawo ngaso sonke isikhathi.”

“Asiceli ukuthi abantu babe izinhloli, kodwa kumele kube noshintsho emphakathini ngokubika ngobugebengu.

NgoLwesihlanu amalungu onogada abangomakhelwane anikezwe izinsiza zokusebenza ezintsha okubalwa namajakhethi abanxuswe ukuthi bawagqoke ngokuziqhenya.

Isithombe esingenhla: Idolobha laseKapa uNgqongqoshe wezokuPhepha nomphakathi bashayele ihlombe umsebenzi owenziwe ngamalungu angomakhelwane

Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze

Izihloko zakamuva