Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
- Amaphoyisa abophe abanikazi bezitolo ababili bokufika eKapa ngemuva kokuthola izinkulungwane zikagwayi ongekho emthethweni ongabiza u-R250 000.
- Kwesinye isigameko, amaphoyisa athole i-tik engabiza u-R120 000 kodwa umsolwa wabaleka ngezinyawo.
Amaphoyisa abophe amadoda amabili eKapa ngemuva kokuthola ugwayi ongekho emthethweni obiza ngaphezu kuka-R250 000 ezitolo zawo.
La madoda, aneminyaka engu-24 no-44 ubudala, abanjwe ngesikhathi amaphoyisa egasela enkabeni yedolobha lase-Bellville ngoLwesithathu ekuseni.
Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape, u-Anelisiwe Manyama, uthe bafuna ukumisa izimpahla zomgunyathi ezilimaza impilo yabantu futhi zilimaze umnotho wezwe.
“Amalungu ethimba lamaphoyisa ophiko lwe-Provincial Counterfeit and Illicit Goods Policing Team, kanye ne-Provincial Anti-Economic Crimes Task Team, baqhube umkhankaso nabe-Brand Protectors be-Micor Investigation Services enkabeni yedolobha lase-Bellville,” kusho uManyama.
Ithimba lithole imikhiqizo kagwayi engekho emthethweni engu-5,861 ezitolo ezahlukene. Abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Bellville maduze.
Isakhamuzi sakule ndawo uMnuz Lizwi Mbotina ukuncomile ukuboshwa kwalaba kodwa ufuna kuphinde kugaselwe kwezinye izitolo. “Lokhu kumele kwenziwe kaningi ngoba ziningi izitolo ezidayisa izinto ezingekho emthethweni, ziyasigulisa kodwa siyazithenga ngoba asinalo ulwazi oluningi ngalokho,” kusho uMbotina.

Kwesinye isigameko, i-Maitland Flying Squad ithole i-tik engabiza u-R120,000 kuthelawayeka u-N1 ngase-Parow.
“Amaphoyisa abengekho emsebenzini athole imininingwane ngomsolwa othutha i-tik. Amaphoyisa avele angena emsebenzini amlandelela,” kusho uManyama.
Amaphoyisa amise imoto eduze komgwaqo u-Giel Basson, kodwa umshayeli wabaleka. Bathole i-tik engu-1kg emotweni.
Esithombeni esingenhla: I-SAPS ishaqe imikhiqizo kagwayi ongekho emthethweni enenani elilinganiselwa ku-R250,135.00 kanye ne-tik enenani lomgwaqo elilinganiselwa ku-R120,000.
Umthombo: Sithunyelwe
