Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Amaphoyisa aseWestern Cape ashaqe izimpahla zomgunyathi zenani lika-R2.5 million eStikland, eBellville, eKapa.
Lesi sigameko senzeke ngeSonto ngomhlaka-13 kuMfumfu, ngesikhathi ithimba lesifundazwe lamaphoyisa elibhekelela ezomgunyathi nempahla engekho emthethweni kanye nethimba elimelene nokulinyazwa komnotho lenza umkhankaso.
Okhulumela amaphoyisa eSAPS uWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe umkhankaso uqale kuBrug Street, lapho amaphoyisa asesha khona iloli elisolisayo.
“Amaphoyisa athole izikhwama ezingu-22 zamasokisi ngaphakathi elolini,” kusho uSwartbooi.
“Njengoba uphenyo lusaqhubeka, kutholwe ezinye izimpahla zemidlalo zomgunyathi zathathwa. Nakuba kungakaboshwa muntu, lezi zimpahla zomkokotelo bezilinganiselwa ku-R2.5-million.”
UKhomishana wamaPhoyisa eWestern Cape, uLieutenant-General Thembisile Patekile, uchaze ukudayiswa kwezimpahla zomgunyathi “njengokucekela phansi umnotho” wathi amathimba azoqhubeka nokusebenza ukuze kususwe imikhiqizo yomgunyathi emigwaqweni yesifundazwe.
Uphinde waxwayisa abanikazi bezindlu ukuthi bazobhekana nemiphumela emibi uma bengaqapheli izinto ezingekho emthethweni ezenzeka ezindaweni zabo.
Isakhamuzi uLulama Njajula uthe abantu abaningi bebengaboni ukuthi ukuthengisa izinto eziwumgunyathi akukho emthethweni.
“Ngimangele uma ngizwa ngezimpahla zomgunyathi ezithathwe eBellville. Ngangingacabangi ukuthi ukuthengisa izinto zomgunyathi kuyinkinga. Sifunda zonke izinsuku,” kusho uNjajula.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa eSAPS eWestern Cape SAPS ashaqe izimpahla zomgunyathi zenani lika-R2.5-million eStikland.
Isithombe: Sithunyelwe
