Amaphoyisa ashaqe obunye utshwala obungekho emthethweni eKapa

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Amaphoyisa aseWestern Cape abophe omunye ongowokudabuka e-China ngamacala ahlobene nokudayisa izimpahla eziwumkokotelo nezingekho emthethweni.

Lesi yisigameko sesibili sokuboshwa kowesilisa wase-China kule nyanga eKapa ngamacala ahlobene nokudayisa izimpahla zomgunyathi, nezingekho emthethweni.

Ngesonto eledlule kuboshwe owesilisa wase-China oneminyaka engu-20 ubudala ngecala lokudayisa utshwala obungekho emthethweni obungenza imali engu-R24-million uma sebudayisiwe.

Ekuboshweni kwakamuva, i-SAPS ishaqe utshwala benani lika-R450,000 eStrand.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape uLieutenant-Colonel Malcolm Pojie uthe ithimba lesifundazwe eliphenya ngezimpahla zomgunyathi lisaqhubeka nokulwa nokuhwebelana ngokungemthetho kwezimpahla zomgunyathi. 

Ngesikhathi sokuseshwa kwakamuva, baseshe indawo edayisa utshwala ku-Abbeglen Street bashaqa utshwala obungahambisani nezidingo zokuhweba.

“Ngenxa yokutholakala kwalokhu, amalungu abophe umsolwa oneminyaka engu-48 odabuka e-China ngamacala ahlobene nokudayisa izimpahla eziwumkokotelo, ezingekho emthethweni kanye nokuphulwa komthetho wotshwala,” kusho uPojie.

Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseStrand uma esethweswe icala.

Isakhamuzi saseStrand sithe: “Sekuyiminyaka eyisishiyagalombili ngiphuza, kodwa angikaze ngibe nama-hangover (ibhabhalazi) enginawo muva nje. 

“Bengicabanga ukuthi mhlawumbe buningi utshwala emzimbeni wami, kodwa lokhu kuboshwa kufakazela ukuthi ama-hangover enginawo isonto lonke abangelwa ilobu tshwala.”

Isithombe esingenhla: Owesilisa wase-China oneminyaka engu-48 ubudala uboshiwe ngamacala ahlobene nokuthengisa izimpahla zomkokotelo, ezingekho emthethweni kanye nokuphula uMthetho woTshwala.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva