Amaphoyisa ashaqe izimpahla zomgunyathi ezibiza izigidi

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Uphiko lwe-SAPS iNational Counterfeit Goods Unit luhole umkhankaso wokukhipha impahla eMidrand ngoLwesine, lwathola izimpahla zomgunyathi ezibiza cishe ngaphezu kuka-R3-million.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uLieutenant-Colonel Amanda van Wyk uthe lo mkhankaso ubandakanya amalungu ophiko lukazwelonke lwe-counterfeit, abaseshi beCommercial Crime, iSars, iBrand Protectors, ojele kanye nonogada abazimele.

“Babehamba bebheka begunyazwa incwadi yokushaqa zonke izimpahla ezikuleli zwe ngokungemthetho beqonde izitolo ezisenxanxatheleni yezitolo eMidrand,” kusho uvan Wyk.

Uveze ukuthi kushaqwe izinto ezingaphezu kuka-4,000 ezifana nemikhiqizo eyaziwayo, okuhlanganisa izingubo zezemidlalo, izicathulo, omakhalekhukhwini, izinsiza zomakhalekhukhwini, izipikha zeBluetooth nama-earphone.

UVan Wyk uthe ongowokudabuka e-Pakistani uzame ukugwazela izikhulu ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso wabe eseboshwa.

Uthe ngesonto eledlule, uphiko lukazwelonke lwe-counterfeit, ngokubambisana nabakwaBrand Protectors bashaqe uwoyela womkokotelo wenani elingaphezu kuka-R200,000 babopha abantu abane base-Zimbabwe e-Monavoni, e-Centurion.

“Le mpumelelo yakamuva ilandela izinhlelo ezifanayo zokubamba ubugebengu eziholwa uphiko olubhekelela izimpahla zomgunyathi,” kusho uVan Wyk.

Izihloko zakamuva