Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Amaphoyisa ashaqe i-cocaine namaphilisi angu-38,000 e-mandrax enani lika-R4.5-million ngemuva kokujaha imoto esolisayo eKapa.
Izakhamizi zithi lesi sigameko sinika ithemba emindenini ekhahlanyezwe yizidakamizwa kodwa zixwayisa ngokuthi amaphoyisa adinga usizo lomphakathi ukuze abambe abadayisi abaningi.
Amalungu eFlying Squad abambe owesilisa oneminyaka engu-44 ubudala nezidakamizwa zenani lika-R4.5-million ngemuva kokujaha imoto eKapa ngempelasonto.
Amaphoyisa athole amaphilisi e-mandrax angu-38,000 nezikhwama ezingu-30 ze-cocaine ngemuva kokumisa imoto enamafasitela amnyama eBelhar.
“Amalungu abone imoto esolisayo emgwaqeni uRobert Sobukwe, ayijaha ayimisa emgwaqeni,” kusho okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uLieutenant Malcolm Pojie.
Umshayeli akakwazanga ukuchaza ukuthi yini ebisezikhwameni ezimbili ezigoqwe nebhokisi elivaliwe emotweni yakhe. Amaphoyisa athole izidakamizwa ngemuva kokumyisa kwikamu eseRavensmead.
Isenzo samaphoyisa silethe ukukhululeka emphakathini izakhamizi zakhona eziningi ezicwile kuzo izidakamizwa ezingekho emthethweni.
“Ngiyamzonda umuntu obandakanywa nezidakamizwa ngoba umfowethu omncane uyinto ehlala ihlezi emgwaqeni ebhema izidakamizwa ekubeni enekhaya elifudumele nabantu abamthandayo,” kusho uNksz Nosipho Mhlekwa (50) waseNyanga.
Izakhamizi zithi amaphoyisa adinga usizo lomphakathi ukuze alwe nabadayisi.
“Abaphathi abakhulu bathumele umuntu ukuthi ahambise lezi zidakamizwa. Manje iSAPS isiwenzile umsebenzi wayo, kodwa nathi kumele sibike abadayisi bezidakamizwa ngoba bahlala nathi emiphakathini yethu. Siyabazi,” kusho uSibongile Sikade waseKhayelitsha.
Esithombeni esingenhla: Amalungu eFlying Squad abophe umsolwa oneminyaka engu-44 ubudala ngokutholwa nezidakamizwa zenani lika-R4.5 million.
Umthombo: Sithunyelwe