Amaphoyisa ashaqe abaphuma emazweni angaphandle e-Alex

Everson Luhanga

Amaphoyisa afike e-Pan Africa Mall e-Alexandra ngoLwesine ekuseni ehamba nezikhulu zoMnyango Wezasekhaya abopha abadayisi abaphuma emazweni angaphandle abangdnawo amaphepha.

Lezi zigameko zokuboshwa ziqhamuke ngemuva kwemibhikisho ebiqhutshwa yinhlangano emelene nabaphuma emazweni angaphandle iDudula kule nxanxathela yezitolo.

Kusukela ngoMsombuluko, leli qembu elimelene nabaphuma emazweni angaphandle selixabene nabadayisi abaphuma emazweni angaphandle, abanezincwadi nabangenazo.

Ngesikhathi kufika izikhulu zoMnyango wezaseKhaya ngoLwesine ekuseni, iningi labadayisi abebesebenza emigwaqeni yenxanxathela yezitolo, banyamalele bangabonwa nangokhalo.

Lezi zikhulu zingene ezitolo lapho okuqashwe khona abasebenzi abaphuma emazweni angaphandle okusolwa ukuthi abanazo izincwadi.

Ngesikhathi ezinye izikhulu zoMnyango wezaseKhaya zibopha labo abebengenazo izincwadi, amanye amaphoyisa ebehlola izimoto nabantu abebedlula kule nxanxathela yezitolo.

Ngesikhathi kuboshwa abaphuma emazweni angaphandle abambalwa abangenazo izincwadi, awekho amalungu enhlangano iDudula aboshwe ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso wamaphoyisa ngoLwesine.

Ngemuva kokuthi lezi zikhulu ziphume enxanxatheleni yezitolo, abantu abebeseduze bekuyizalukazi ezimbalwa zaseNingizimu Afrika, eziqale phansi ukuhweba ngaphandle kokwesaba ukuthi zizochaphazeleka kulo mbango.

Umholi wenhlangano iDudula usencome umkhankaso wamaphoyisa njengokunqoba kwenhlangano yabo.

“Ukube bekungekhona ukuzimisela nokugcindezela kwethu, ngabe asifikanga kulesi sigaba empilweni yethu eNingizimu Afrika,” kusho uSimon “Msayza” Rati.

“Kudingeke ukuthi sibizwe ngezigebengu, abacwasayo noma abaqaphi ukuze amaphoyisa noMnyango wezaseKhaya basukume benze okuthile. Manje sidinga iziphathimandla ukuthi zibophe labo abaqasha abaphuma emazweni angaphandle abangenazo izincwadi.”

Ugogo uDudu Khumalo (59) oyilungu leDudula Movement nongumhwebi osebenza emgwaqeni kule nxanxathela yezitolo, uthe ukube amaphoyisa noMnyango wezaseKhaya bebekwenza lokhu ngabe alikho igazi.

“Kodwa sinabantu abalinyazwayo futhi abanye baboshiwe ezigamekweni zokuhlasela phakathi kwabaphuma emazweni angaphandle nabantu bendawo ngoba iziphathimandla azikaze zikuzwe ukukhala kwethu,” esho.

Khonamanjalo, amalungu ayisithupha enhlangano iDudula aboshwe kuleli sonto, avele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra ngoLwesine agcinwa esitokisini.

Ngokuphambene nalokho akusho ngoLwesibili, uRati akazange azinikele emaphoyiseni ngoLwesithathu ngoba uthe alikho cala abekwe lona.

Scrolla World Cup Quiz