ULungani Zungu noEverson Luhanga
Amaphoyisa alungiselela ukuyogada imibhikisho nokuzitapela ezitolo kwalabo abaseka owayenguMengameli uJacob Zuma.
Imashi esiqubulo sayo esithi-#khulula uJacob Zuma ilindeleke ukuba iqale ngoMsombuluko iqhubeke iviki lonke, kulandela imiyalezo eqoshiwe okukhulunywa ngayo ezinkundleni zokuxhumana okungaziwa ukuthi iqoshwe ubani ekhuluma ngokususa udlame lwesibili.
Lokhu kuzokwenzeka ngemuva kokuba sidlule enyangeni lapho khona okube nodlame nokuzitapela ezitolo KwaZulu-Natali nase-Gauteng, okushiye umonakalo obalelwa kwizigidigidi ezi-130 KwaZulu-Natali kwashona abantu abangama-350.
Uphiko Lukazwelonke lokusebenza ngobuhlakani (NatJoints) liyazi ngalemiyalezo ezosusa udweshu elokhu ihamba zonke izinkundla zokuxhumana.
“Laba abathintekayo kulemiyalezo siyabaxwayisa ngoba ukususa udlame sikuthatha njengobugebengu. Amalungu aseNingizimu Afrika ayaxwayiswa ukuba angayilaleli lemiyalezo egcwele izinkundla zokuxhumana” kusho umphathi wamaphoyisa u-Colonel Robert Netshiunda kwistatimende.
Kwingxoxo uNetshiunda utshele i-Scrolla.Africa ukuthi angeke bakuvumele lokhu kuphazamisa abafuna ukukwenza.
“Isimo sizosiqapha kakhulu uma kungase kwenzeke imashi iqale” kusho u-Colonel.
“Sithanda ukuxwayisa abantu ukuba bangazibandakanyi nalomzabalazo ngoba bangase bazisole.”
Okhulumela uNgqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele, uLizandzu Themba uthe sikulungele ukubhekana nabantu abazozibandakanya kulomzabalazo.
I-Scrolla.Africa izwile ukuthi uNdunankulu waKwaZulu-Natali uSihle Zikalala ubambe isithangami esinobuhlakani.
Umthombo ongaphakathi uthe ngesikhathi uZikalala ebambe isithangami wazisiwe ngalomubhikisho ongase uqale uphinde watshelwa ukuthi amaloli angase asetshenziswe ekuvaleni imigwaqo emikhulu okuzodala umonakalo esifundazweni saKwaZulu-Natali.
Amasosha abonakala efika edolobheni lase-Ethekwini ngesonto eledlule. Babonakale bephuma kuma-helicopter abeseduze nendawo eyi-ground.
Nesifunda sase-Gauteng kunalezozinsolo, kodwa iziphathimandla zixwayise umphakathi ukuba ungazibandakanyi nemashi enesiqubolo esithi# khulula uJacob Zuma.
Amaphoyisa ase-Alexandra asexwayise umphakathi ukuba bangazibandakanyi nale mashi ezosusa udweshu.
“I-Alexandra ibingaka simami ngemuva kodweshu olasuka lokuzitapela ezitolo. Abantu abaningi balahlekelwe imisebenzi. Akumele sicekele phansi lokhu okuncane esinakho” kusho iphoyisa lase-Alexandra kwisitatimende.
Omunye walaba abasabisa ngodlame oweseka uJacob Zuma, u-Andie Lungisa.
Ukhulume ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bazothatha izinyathelo uma ngabe inkantolo ingakunaki ukuboshwa kukaZuma okuthathwa njengento engekho emthethweni.
Omunye oweseka uZuma, uBonginkosi Khanyile uboshiwe kulempelasonto ngezinsolo zodweshu olusuke ngenyanga edlule.