Amaphoyisa aseSwazwini abophe osolwa ngokubulala isalukazi 

Lubhalwe nguLungi Langa

Owesilisa osolwa ngokubulala isalukazi (73) eJozini ubanjwe e-Swazwini ukuze abhekane nenqwaba yamanye amacala.

Umsolwa okusolakala ukuthi uvume icala lokubulala uThobi Ngwenya ocingweni ezinganeni zakhe uboshwe e-Swazwini ngecala lokungena ngokungemthetho kuleliyazwe nokugqekeza, ngokusho kokhulumela uhulumeni u-Alpheous Nxumalo.

Umsolwa uvele enkantolo ngoMsombuluko, kodwa imininingwane ngokuboshwa kwakhe namacala abhekene nawo bekungakacaci.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe uma umsolwa eboshwa kwelinye izwe iziphathimandla zithinta ozakwabo bakuleli ngemigudu efanele ukuze bahlele ukubuyiselwa kwakhe kuleli.

Umsolwa lokhu abaleka ngemuva kokubulawa kukaNgwenya mhla ziyishumi kuNdasa.

Isidumbu sikaNgwenya sitholwe ngemuva kokuthi izingane zakhe zimshayele ucingo zifuna ukumbuza ukuthi ukuphi ngesikhathi engabuyi ekhaya evela emasimini. Bamthole ngemuva kokumthungatha.

Umsolwa usolwa nangokudlwengula izingane zamantombazane ezifunda esikoleni sakule ndawo.

Amalungu omphakathi ebekhathazekile  ngokubalekela amaphoyisa kukamsolwa.

Isakhamuzi saseJozini uNksz No Ndlazi uzwakalise ukukhululeka ngokuthi umsolwa ubanjiwe kodwa akakhululekile ngoba umphakathi usubonile ukuthi unomlando wokubalekela ubulungiswa.

UNdlazi uthe bakholelwa ekutheni umsolwa akawenzanga yedwa amacala akhe futhi banethemba lokuthi uzobuyiselwa kuleli ukuze azobhekane nobulungiswa aphinde aveze abebesebenzisana naye.

Ikhansela lewadi uMnu Sthembiso Mncwango uthe baziswe ngoxhaxha lwemiyalezo eqoshiwe phakathi kwamaphoyisa aKwaZulu-Natal nawase-Swazwini mayelana nokuboshwa komsolwa obulale uNgwenya.

Kule miyalezo eqoshiwe elalelwe i-Scrolla.Africa amaphoyisa ase-Eswatini ayakuqinisekisa ukuboshwa kwakhe futhi adalula nokuthi umsolwa usichithe isikhathi ejele ngecala lokudlwengula alenze kuleliyazwe.

Esithombeni esingenhla: Imiyalezo eqoshiwe yamaphoyisa

Izihloko zakamuva