Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Zingaphezu kuka-17 izimoto ezebiwe ezisetshenziswa ebugebengwini eSwatini ezitholwe e-Kurhuleni Pound Centre.
Ezinye zalezi zimoto sezihlale unyaka wonke kungekho banikazi abavelayo ukuzozifuna, yize umasipala usubize abanikazi bezimoto kaningi.
NgoLwesithathu, ithimba lamaphoyisa aseSwatini kanye ne-Interpol lihlole izimoto.
Lokhu kuhlolwa kwenzeke ngemuva kokuthi i-Ekurhuleni icele abanikazi bezimoto ezingaphezu kuka-100 eziboshiwe ukuthi beze ngesonto eledlule.
Okhulumela uMasipala i-Ekurhuleni uZweli Dlamini uthe izimoto eziningi eziboshiwe ziphuma emazweni e-SADC.
Kwezinye izimoto izinombolo zazo zakwamanye amazwe zishintshiwe zaba izinombolo zaseNingizimu Afrika kodwa izinombolo zokuhlonza izimoto ziveza imvelaphi yazo,” usho kanje.
UDlamini uthe izimoto ezingalandwa ngabanikazi zizofakwa endalini ukuze kubuyiselwe izindleko zokuzigcina.
“Kubiza u-R2 000 kamasipala ukugcina ngosuku imoto encane kanjalo no-R5 000 wezimoto ezinkulu njengamaloli.
“Izimoto zigcinwa izinsuku ezingu-120 ngaphambi kokuthi zidayiswe uma umnikazi engayilandi. Ezinye izimoto zigcinwe kusukela ngoMasingana nyakenye,” usho kanje.
Omele iSwatini, ongathandanga ukudalulwa igama lakhe ngezizathu zokuphepha, uthe ezinye izimoto zathengwa ezweni labo kodwa azibhalisiwe ohlelweni lwabo.
“Abanikazi balezi zimoto abakwazi ukulandelelwa futhi bangase benze ubugebengu emazweni angomakhelwane. Siyethemba ukuthi lolu hlelo luzosiza ekuxazululeni amanye ala macala,” kusho yena.
Esithombeni ngenhla: Izikhulu zihlola izimoto.
Umthombo: Doreen Mokgolo
