Amaphoyisa asesondele ekubopheni ababulali besibhicongo somndeni waseLusikisiki

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

UKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke uJenene Fannie Masemola uthi kuphenywa othile mayelana nokubulawa kwabantu abangu-18 e-Lusikisiki.

UMasemola ukhulume esithangamini nabezindaba esiteshini samaphoyisa e-Lusikisiki ngoLwesibili.

“Okwamanje, siyazi ukuthi sifuna bani,” esho. “Sinomuntu oyedwa esimpheka ngemibuzo; akaboshiwe kodwa kukhona esikutholayo futhi sizonazisa njengesizwe ngenqubekela phambili. Uphenyo luhamba kahle.”

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu, uMasemola kanye noNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane, bahlangane nezakhamizi zendawo yase-Ngobozana ngoLwesibili ngemuva kokuhlangana nemindeni yabagilwa.

UMchunu uveze ukuthi imindeni ikhulume ngokukhululeka nangentukuthelo ngosizi lwayo nangendlela enyantisayo okubulawe ngayo izihlobo zayo.

“Siyakwamukela ukugxeka kwabo, siyayemukela imibono yabo futhi siyasiqonda isimo,” esho. “Siyaxolisa ukuthi ngesikhathi labo bantu besidinga besingekho ukubavikela.

“Bebengakwazi ukuzivikela, bebengahlomile futhi bebengalindele lutho. Ngakho, ngiyaqonda uma abantu beveza ukuthi badinga amaphoyisa angcono. Lokho ngiyakwamukela ngoba wumsebenzi wethu lowo,” kusho uMchunu etshela umphakathi obukhungethwe umunyu.

Khonamanjalo, iMeya yaseNgquza Hill, uNonkosi Pepping, uthe izinhlaka ezahlukene zikahulumeni zibambisene ukuhlela umngcwabo omkhulu wabashonile.

“Akekho umuntu, ngaphandle kukahulumeni, ongawengamela umngcwabo omkhulu wabantu abangu-18. Ngakho njengezinhlaka ezehlukene [zikahulumeni], siphothula izinhlelo zokungcwaba abantu abaningi namuhla,” kusho uPepping.

UMabuyane ukuqinisekisile ukuthi uhulumeni wesifundazwe uzolekelela imindeni ngamalungiselelo omngcwabo kanye nokwelulekwa ngokwengqondo.

Esithombeni ngenhla: UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu noKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke uFannie Masemola, iPhini lokuqala likaNgqongqoshe wamaPhoyisa uPolly Boshielo, nePhini lesibili uCassel Mathale.

Umthombo: Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva