Amaphoyisa aseKZN athele othulini abalisa abane abasolwa ngokugebenga imoto yemali

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Kudutshulwe kwabulawa abantu abane abasolwa ngokubamba inkunzi imoto yemali KwaZulu-Natal ngoLwesithathu ntambama, kwaboshwa umsolwa oyedwa olimale kanzima waphuthunyiswa esibhedlela egadwe ngamaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa avimbe imoto yabasolwa emgwaqeni uMoses Kotane e-Sydenham abayalela ukuba bame. 

“Umshayeli uyishaye indiva imiyalelo yamaphoyisa, abebephakathi bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni ngesikhathi abasolwa bebaleka ngesivinini. 

“Kube khona ukudubulana kwathi imoto yabasolwa yashayisa udonga. Bonke abasolwa abane bathole amanxeba okudutshulwa ngaphakathi emotweni.  Umsolwa wesihlanu uphumile emotweni wabe esedutshulwa walimala. Utholwe nesibhamu waboshwa khona lapho,” kusho uNetshiunda.

Uthe esinye sezibhamu ezitholwe emotweni bekuyisibhamu samaphoyisa.

UNetshiunda uthe abasolwa bebesendleleni beyobulala owesilisa nonogada ababili. 

Abasolwa bebefunelwa amacala amaningi okubulala, iningi lawo elibandakanya ukubulala abantu abasembonini yezokwakha.

Amathimba athintekayo ekubanjweni kwabasolwa kubalwa amaphoyisa ethimba lesifundazwe elilandele umkhondo woKlebe, uphiko lwakwa-SAPS olulwa nezigelekeqe, ithimba lesifundazwe elibhekene nobugebengu, uphiko lwe-K9 eMgungundlovu kanye nonogada abazimele.

Esithombeni ngenhla: Indawo yesigameko emgwaqeni uMoses Kotane eThekwini

Umthombo: KZN SAPS

Izihloko zakamuva