Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa KwaZulu-Natal acela usizo lomphakathi ukuze kuboshwe uLinda Hlongwa, owaziwa ngelikaMjinja noma uPutin emphakathini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe: “UPutin ufunelwa amacala okutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.”
UHlongwa waboshwa ngoNtulikazi ka-2020 ngemuva kokutholakala nesibhamu nezinhlamvu eMariannhill wadedelwa esitokisini ngesikhathi amaphoyisa esalinde imiphumela.
“Kusukela lapho akazange abe nendaba nokuvela enkantolo ukuze abhekane namacala akhe,” kusho uNetshiunda.
I-Putin ifunelwa namanye amacala, ayi elezibhamu kuphela.
Kusolwa ukuthi uyathinteka emacaleni amaningi okuqola imali, lapho “esabisa osomabhizinisi endaweni yaseMariannhill namaphethelo,” kusho uNetshiunda.
INkantolo yeMantshi yasePinetown ikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kukaHlongwa ngomhlaka-9 kuMandulo.
Amaphoyisa acela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi athinte umphenyi uSergeant Gwala ku-079 889 9733 noma asebenzise inombolo ye-crime stop ku-08600 10111.
Esithombeni esingenhla: ULinda Hlongwa obuye aziwe ngelika ‘Mjinja’ noma ‘uPutin’ ufunwa uthuli amaphoyisa.
Umthombo: SAPS
