Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
I-Operation Restore eSherwood Park, eKapa, iholele ekuboshweni kwendoda eneminyaka engu-37 ubudala kwaphinde kwathathwa nensangu engabiza u-R300 000.
Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe amaphoyisa asebenzise ezobunhloli, asesha umuzi oseYork Road lapho ethole khon inqwab yensangu nesamba semali esingadalulwanga.
“Imizamo eqhubekayo yokufuna ukuqeda ukudayiswa kwezidakamizwa ikhombisa impumelelo,” kusho uSwartbooi. Umsolwa uboshiwe wathweswa icala lokudayisa insangu.
Kwelinye icala, amaphoyisa abelunywe indlebe abophe umsolwa ngomhlaka-11 kuMfumdu kuJones Street, e-Oudtshoorn.
Amaphoyisa abuke imoto eletha impahla ifika, abona umuntu osolisayo elanda iphasela, okuthe ngokuhamba kwesikhathi kwatholakala ukuthi line-methamphetamine engabiza u-R92,750.
Owesilisa wase-Nigeria uboshelwe ukudayisa izidakamizwa.
Abasolwa kuwo womabili amacala bazovela enkantolo maduze nje.
Isakhamuzi uLuthando Mputi, (45)? ukholelwa ukuthi ukuboshwa kwakamuva kungenxa yomsebenzi kahulumeni wobumbano (GNU).
“Imizamo ye-GNU iyabonakala, futhi abadayisi bezidakamizwa bazithola bevalelwe,” usho kanje.
Esithombeni esingenhla: I-SAPS ishaqe insangu yenani elilinganiselwa ku-R300,000 kanye nesamba semali esingadalulwanga.
Umthombo: Sithunyelwe