Arthur Greene
Amaphoyisa aseJalimane asexazulule icala elineminyaka eyisishiyagalolunye ngemuva kokuthi kutholakale ulibofuzo kwisoseji elilunyiwe, olufana nolwendoda eyaboshwa e-France ngecala elingahlobene naleli.
KuNdasa ngowe- 2012, isela elagqekeza endlini edolobheni laseJalimane i-Gevelsberg lazizwa lilambile lase lazisiza ngokuya ngasethunjini.
Isela elalilambile ladla uhhafu wesoseji elibizwa nge-wurst – igama lesiJalimane elisho isoseji – ngaphambi kokuqeda ubugebengu
Kusazokwembulwa ukuthi hlobo luni lwesoseji eladliwa yileli sela, yize amaphoyisa ethe izinhlobonhlobo ezihlukene.
Ngemuva kweminyaka eyisishiyagalolunye, abakwa-forensics bafanise ulibofuzo lwakhe nendoda eneminyaka engama-30 ubudala yase-Albania esanda kuboshwa ngamaphoyisa ase-France.
Abaphenyi baseJalimane beqembu lase-Nordrhein-Westfalen babhale esitatimendeni sabo bathi, iphethini yolibofuzo ayizange ivele ngqo ngaleso sikhathi kodwa ukuqhathanisa okuzenzakalelayo nemininingwane yolwazi yamazwe omhlaba ikhona okuholele ekuxhumaneni kwemniningwane ngokuhamba kwesikhathi.
Abaphenyi baziswe ngemuva kokuthi isampula yolibofuzo ithathwe ngamaphoyisa ase-France endodeni ebandakanyeka ecaleni elinodlame.
Kodwa amaphoyisa ase-Schwelm athe umsolwa usekhululekile futhi angahle abalekele nokujeziswa.
Imthetho yemikhawulo ekugqekezweni isiphelelwe yisikhathi, okusho ukuthi kungenzeka ukuthi angangaphindiselwa eJalimani uma engaboshwa.
Leli sela elalilambile kungenzeka litanase emigwaqeni okwamanje.
Umthombo wesithombe: Amaphoyisa ase-Nordrhein-Westfalen