Amaphoyisa aseGoli aklonyeliswe ngomsebenzi omuhle awenzayo

Karabo Rammutla

Amaphoyisa abeswenke econsa ngesikhathi amaphoyisa aseGoli esingathe umcimbi we-Excellence Awards e-Tshwane ngoLwesihlanu.

Abaphumelele abenze kahle emikhakheni eyahlukene bahambe nezitifiketi zokuhlonishwa kanye nezindondo.

Umcimbi wenzelwa ukuqhakambisa nokwazisa amaphoyisa, abasebenzi abasekelayo, amarizevu kanye nezinhlangano zamaphoyisa omphakathi (CPFs) ezibonise ukusebenza kahle nokuzinikela okumangalisayo ekwenzeni imisebenzi yazo yansuku zonke.

Phakathi kwabaklonyelisiwe, uKhomishana wesiFunda sase-West Rand uMajor General Fred Kekana uhlonishwe njengomphathi omkhulu wonyaka. USayitsheni Tanya Pubalakan we-Benoni SAPS uthole indondo yonyaka ye-sportswoman.

Isiteshi samaphoyisa sase-Ivory Park siqokwe njengesiteshi sonyaka esihamba phambili kanti i-Orange Farm CPF ithathe indondo emkhakheni wayo.

Imiklomelo yalo nyaka iziqhayise ngemikhakha eminingi, okuhlanganisa nokuhlonishwa okukhethekile okubizwa ngokuthi “i-Movers and Shakers” etholwe uKhomishana wamaPhoyisa aseGoli uLieutenant General Elias Mawela.

Okhulumela amaphoyisa aseGoli uLieutenant Colonel Mavela Masondo uhlomule ngale ndondo emkhakheni wokusekela imvelo.

Abasebenzi abajwayelekile, abahlanzi kanye nabasebenzi be-switchboard – kanye nabaseshi nezikhulu ezikhungweni zobuchwepheshe – bahambe nezindondo.

Lo mcimbi ubuhanjelwe uNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi uFaith Mazibuko, iPhini likaKhomishana kaZwelonke uLieutenant General Tebello Mosikili kanye nokhomishana bezifundazwe iMpumalanga, i-Limpopo, i-Eastern Cape kanye ne-Northern Cape.

UMasondo uthe lezi zindondo zenzelwe ukukhuthaza kanye nokuqinisa isiko lokwenza kahle, ukuziphatha okwehlukile, kanye nobungcweti ukuze kuqinisekiswe ukuthi i-SAPS iyazifeza izinhloso zayo zamasu ekuthuthukiseni ukuhlinzekwa kwezidingongqangi.

Iphoyisa eliphezulu eGoli uLieutenant General Mawela, uthe ukuhlonishwa kunencazelo yesibili kumalungu abo amaningi.

Uthe balindele ukuthi amalungu kanye nabo bonke abasezikhundleni benze konke okusemandleni abo ngaso sonke isikhathi.

“Sonke siqhutshwa uthando esinalo ngabantu esibasebenzelayo. Kodwa uma uhlezi ukhombisa ukusebenza ngokuzikhandla emsebenzini wakho ungase unakwe umphathi wakho futhi uthole izilinganiso ezinhle kakhulu nokuhlonishwa,” kusho uMawela.

“Ngicela nikhuthaze abanye ukuthi bahlangabezane nezimiso zemisebenzi yabo eseniyitholile. Bonisani ukwethembeka kumqashi wenu nokushisekela izwe lakho.”

Isithombe esingezansi: Ngabesilisa kanye nabesifazane beklonyeliswa ngokwenza kahle

Umthombo wesithombe: SAPS

Izihloko zakamuva