Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
- Amakamu amaphoyisa kulo lonke elaseKurhuleni kusolwa ukuthi awanazo izinto eziyisisekelo njengephepha, okuphoqe ukuthi amaphoyisa ajikise abagilwa bobugebengu.
- Izakhamuzi seziqalile ukusiza ukuhlanza amakamu nokuhlinzeka ngempahla yize amaphoyisa ephika ukuthi kuyashoda.
Amaphoyisa ase-Gauteng athi izinsolo zokuthi amakamu amaphoyisa aphelelwe ngamaphepha okubhala amacala zingamanga.
Ukuphika kwamaphoyisa lezi zinsolo kuza yize izindawo ezintathu zamaphoyisa zibika isimo esifanayo.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi i-Scrolla.Africa yabika ngomhlaka-21 kuMasingana ngamaphoyisa aKwa-Thema axosha abagilwa bobugebengu ngoba bengenalo iphepha lokubhala amacala.
Ngemva kodaba lwethu, abasebenzi kanye nezakhamuzi zakwamanye amakamu eKurhuleni zavela nenkinga efanayo.
EDuduza kungene abantu bendawo bezohlanza ikamu lamaphoyisa ngemuva kokubona ukuthi lingcole kanjani. Ikamu lihlanzwa ngumuntu oyedwa kuphela. Izakhamuzi zize nezazo izinto zokuhlanza.
Amakamu aseduze njenge-Tsakani, e-Springs kanye ne-Daveyton nawo kuthiwa ashoda ngezinto eziyisisekelo njengephepha lokubhala amacala.
Umthombo wamaphoyisa ongathandanga ukudalulwa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi amakamu antula izinto eziyisisekelo zokwenza umsebenzi wazo.
“Kubi! Uma abamangali bengena bezofaka izikhalo basuke belindele ukuthi sibanikeze usizo kodwa asinazo izinsiza zokwenza umsebenzi wethu.
“Imvamisa asikwazi ukubhala izincwadi ezifungelwe futhi nokubhala amacala mathupha noma sikwenze ku-scribbler ukuze sibuye siqophe i-digital kamuva, noma sijikise umgilwa abuye ngosuku oluzayo. Sitshelwa ukuthi asikho isabelomali sokukhokhela izinsiza ezidingekayo,” kusho umthombo.

Kodwa okhulumela amaphoyisa ase/Gauteng uColonel Dimakatso Nevhuhulwi uthi lezi zinsolo zingamanga.
“Onke amakamu amaphoyisa ahlinzekwa ngamathuluzi adingekayo okusebenza okuhlanganisa nezincwadi zokubhala.
“Abahlali abafisa ukubika amacala nokunye akumele bajikiswe emakamu ngenxa yokushoda kwezinsiza.
“Sinxusa labo abasolwa ngokujikiswa ukuthi baphumele obala bafake izikhalo zabo ngamaphoyisa ukuze kuthathelwe izinyathelo ezifanele abathintekayo,” usho kanje.
Esithombeni esingenhla: EDuduza Police Station.
Umthombo: Doreen Mokgolo