Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
- Amaphoyisa abophe izinkulungwane zozamazama eGauteng ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso othathe izinyanga ezintathu.
- Abanye abavukuzi bathi bayawudinga umsebenzi ukuze bondle imindeni yabo futhi bafuna uhulumeni agunyaze umsebenzi wabo.
Bangaphezu kuka-7 000 ozamazama asebeboshiwe eGauteng phakathi kukaNtulikazi noMandulo emkhankasweni omkhulu wamaphoyisa.
UKhomishana wamaphoyisa eGauteng, uLieutenant General Tommy Mthombeni, uthi ukumba izimayini ngokungemthetho kungenye yezinkinga ezinkulu zobugebengu ezikhulayo esifundazweni.
Izimayini eziningi ezingekho emthethweni zivulwe ezindaweni ezintathu: iWest Rand, Ekurhuleni naseGoli. Abavukuzi baphinde bathathe izimbiwa baziyise eSedibeng ukuze zigaywe.
UMthombeni uthe amaphoyisa asaqhuba umkhankaso we Vala uMgodi ukulwa nokumbiwa kwezimayini ngokungemthetho.
“Sihlangene namalungu ombutho wezokuvikela kuzwelonke waseNingizimu Afrika kanye noMnyango wezokuMbiwa Phansi
“Sinohlelo lokusebenza lwamasonto onke neminyango eyahlukene ethintekayo kuye ngokuthi sitholaphi ezobunhloli bese siwenza ezifundeni ezahlukene,” kusho uMthombeni.
Kodwa abanye abavukuzi bathi bazama nje ukuziphilisa. Achiko Moyo, obemba eSprings, uthe kabantshontshi kumbe ukungena emigodini eyingozi.
“Asisebenzi futhi asintshontsheli muntu, ilena kuphela imali esingenelayo ukuze sikwazi ukondla imindeni yethu.
“Sivukuza ngaphezulu ngokuqhephula amadwala sifuna igolide, asimbi indawo engaphezulu futhi asibeki izimpilo zabantu engcupheni kodwa sihlukunyezwa ngamaphoyisa,” usho kanje.
UJoseph Mogale ukholelwa ukuthi uhulumeni kufanele enze umsebenzi wabo ube semthethweni ngenxa yezinga eliphezulu labantu abangasebenzi.
“Kuzo zonke lezi zimayini ezilahliwe kunamakhulu abantu abasebenza ngokungemthetho futhi abondla imindeni yabo, kusekhona izimbiwa eziningi kulezi zimayini futhi zisaqhubeka nokuheha amakhulu ozamazama, iningi labo okungabokufika.
“Sekuyisikhathi sokuthi uhulumeni abuyekeze imigomo yakhe futhi athole indlela yokuzenza zibe semthethweni lezi zimayini ukuze kuzosebenza nabantu abasha abangasebenzi,” usho kanje.
Esithombeni esingenhla: Abavukuzi abangekho emthethweni.
Umthombo Wesithombe : Doreen Mokgolo