Everson Luhanga
Imiphakathi emhlabeni jikelele iya ngokuya isaba amaphoyisa. Abaningi eNingizimu Afrika bayesaba ukubika ubugebengu esiteshini samaphoyisa sendawo.
Kodwa amaphoyisa ase-West Rand athi enza konke okusemandleni awo ukubuyisela ukwethenjwa umphakathi, ukuze babambisane ukuqeda ubugebengu.
Izikhungo zokugcinwa komthetho azilwi nezigebengu ngezibhamu nezinduku kuphela. Banganciphisa ubugebengu ngohlelo olufanele oluholwa umphakathi, futhi ukuhlela kungenziwa ngisho kuphuzwa ikhofi.
NgoLwesihlanu, abaxhumanisi bokuvinjelwa kobugebengu emphakathini kanye namaphoyisa eziteshini zamaphoyisa eziyi-13 esifundeni sase-West Rand babambe uhlelo lwe-Coffee with a Cop enxanxatheleni yezitolo i-Key West e-Krugersdorp.
UKaputeni uRaymond Sebonyane uthe inhloso yomcimbi ukuvala igebe nokugqugquzela ubudlelwano phakathi kwamaphoyisa nomphakathi.
“Izigebengu ziyingxenye yomphakathi esiphila kuwo,” esho.
“Bahlala nathi futhi baxhumana nathi. Lo mcimbi ububalulekile ikakhulukazi ngemuva kokubandakanya bonke abathintekayo ezingeni lomphakathi ukulwa nezigebengu”.
UKaputeni uSebonyane wengeze ngokuthi bonke abathintekayo banikezwe ithuba lokukhombisa izinsizakalo abazenzayo emphakathini.
Uthe umphakathi wase-West Rand usadonsa kanzima ngezimpi zamaqembu ezigelekeqe, ukudunwa kwezimoto, ukugetshengwa kwezindlu, nokubamba inkunzi kuhlonyiwe ezindaweni ezibalulekile zamabhizinisi.
“Njengamaphoyisa, bekumele sixhumane nomphakathi ukuze siqonde izinkinga nokuthi amaphoyisa angangenelela kanjani ngokusebenzisana nawo”.
Uthe amacala odlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane (i-GBV) nawo ayakhula endaweni.
“Sixoxisane nabesifazane sabakhuthaza ukuthi babike abenzi bobubi kuzikhulu ezizophenya kabanzi ngamacala e-GVB,” kusho uKaputeni uSebonyane.