Amaphoyisa asebenzisa usimende we-oxide ongagunyaziwe ngemuva kokuphelelwa ngamakhemikhali

Kabelo Tlhabanelo

I-Local Criminal Record Centre ese-Bloemfontein isiphelelwe yimpuphu evunyelwe ngokwesayensi edingekayo ukuze kutholwe amazenge eminwe, ngakho-ke amaphoyisa anqume ukwenza ngokulandelayo.

Banqume ukusebenzisa isixazululo esingahloliwe usimende we-oxide ukuthola amazenge eminwe ezindaweni zobugebengu.

Usimende we-oxide usimende onemibala ovamise ukusetshenziselwa ukufaka imibala ezintweni ezenziwa ngosimende. Abukho ubufakazi noma ucwaningo lwesayensi olwaziwa i-Scrolla.Africa olukhombisa ukuthi lungasetshenziswa ukuthola amazenge eminwe afanele.

Ngaphandle kokuthi abukho ubufakazi obudlula ukuzwa ukuthi le mpuphu iyasebenza ngempela, amaphoyisa abonile ukuthi angabeka engcupheni amacala obugebengu, avule indlela yokuba izigebengu ziphunyuke zingaboshwa.

Amaphoyisa ase-Bloemfontein athe lokhu kunganikeza abammeli bezigebengu indlela yokudlulisa icala enkantolo, ngoba bazothi amakhemikhali angalungile asetshenzisiwe ukuthola amazenge eminwe amaklayenti abo endaweni yobugebengu.

Elinye iphoyisa elikhulume ne-Scrolla.Africa ngaphandle kokudalula igama lalo, lithe banqume ukusebenzisa i-oxide ngemuva kokuphelelwa yimpuphu emnyama ekhethekile ngoMbasa.

“Satshelwa umuntu esisebenza naye ukuthi le mphuphu kasimende nayo iyakwazi ukuthatha amazenge eminwe futhi saqala ukuyithenga esitolo sendawo sezinto zokwakha.”

Elinye iphoyisa lithe akusikhona nje kuphela ukuthi i-oxide powder ayigunyaziwe ukuthatha amazenge eminwe, kodwa yenza amehlo ababe.

Uthe abasebenzi basesitolo sezinto zokwakha babahleka ngesikhathi bebatshela ukuthi bayidingelani le mpuphu njengoba beyithenga ngobuningi.

“Impuphu esiyisebenzisayo yenzelwe ukudaya phansi hhayi okokuthatha amazenge eminwe. Kodwa ayikho into esingayenza. Abaphathi bethu abanendaba.”

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uColonel Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukuthi impuphu ejwayelekile yokuthatha amazenge eminwe emnyama iphelile.

“Kodwa-ke, kukhona ezinye izimpushana zeminwe ezingasetshenziswa uma kungekho imphuphu emnyama,” esho, kodwa akakwazanga ukusho ukuthi yiziphi ezinye izimpushana.

Uthe uhlelo lokuthengwa kwempahla seluqalile kanti isicelo sisesigabeni sokuhlola nomgcinimafa kazwelonke kanye nezinsizakusebenza.

“Asikho isidingo sokuthi amalungu athenge ezitolo zama-hardware. Ukuthengwa kwezinto ezisetshenziswayo zeminwe ngaphandle kwemininingwane yezobuchwepheshe kuzobe kungavumelekile futhi kuzodala ukungaziphathi kahle.”

Ubuye wathi kuzophenywa izinsolo zokuthi amaphoyisa asebenzisa ezinye izimpushana bese kuthathwa izinyathelo.

Izihloko zakamuva